1 AmaKhosi 17:1-9

1 AmaKhosi 17:1-9 ZUL59

U-Eliya waseThishibi, owayengowabagogobeleyo kwaGileyadi, wathi ku-Ahabi: “Kuphila kukaJehova, uNkulunkulu ka-Israyeli, engimi phambi kwakhe, akuyikubakho mazolo namvula kule minyaka, kuphela ngesiyalezo sezwi lami.” Izwi likaJehova lafika kuye, lathi: “Suka lapha, uye ngasempumalanga, ucashe ngasemfudlaneni iKeriti ongaphambi kweJordani. Kuyakuthi uphuze emfudlaneni; ngiyalile amagwababa ukuba akondle khona.” Wahamba wenza njengezwi likaJehova, ngokuba wahamba wahlala ngasemfudlaneni iKeriti ongaphambi kweJordani. Amagwababa amlethela isinkwa nenyama ekuseni, nesinkwa nenyama kusihlwa, waphuza emfudlaneni. Kwathi ekupheleni kwezinsuku umfudlana washa, ngokuba yayingekho imvula ezweni. Kwase kufika izwi likaJehova kuye, lathi: “Suka uye eSarefati elingeleSidoni, uhlale khona; bheka, ngiyalile lapho umfelokazi ukuba akondle.”