Nina ninokugcotshwa okuvela koNgcwele, niyazi nonke. Anginilobelanga ngokuba ningalazi iqiniso, kodwa ngokuba niyalazi nangokuba akukho manga avela eqinisweni. Ngubani ongumqambimanga, uma kungesiye ophika ukuthi uJesu unguKristu na? Nguye ongumphikukristu ophika uYise neNdodana. Yilowo nalowo ophika iNdodana akanaye uYise; ovuma iNdodana unaye noYise. Lokho enakuzwayo kwasekuqaleni, makuhlale kinina. Uma kuhlala kini enakuzwayo kwasekuqaleni, nani niyakuhlala kuyo iNdodana nakuye uYise. Yilesi isithembiso yena asethembisa sona: ukuphila okuphakade. Nganilobela lokho ngabo abanidukisayo. Nina-ke, ukugcoba enakwamukela kuye kuhlala kini, anidingi ukuba nobani anifundise; kodwa lokhu ukugcoba kwakhe okunifundisa khona ngakho konke kuyiqiniso, akusiwo amanga, nanjengokuba kunifundisile, hlalani kuye.
Funda 1 kaJohane 2
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: 1 kaJohane 2:20-27
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo