1 kaJohane 2:20-27
1 kaJohane 2:20-27 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Nina ninokugcotshwa okuvela koNgcwele, niyazi nonke. Anginilobelanga ngokuba ningalazi iqiniso, kodwa ngokuba niyalazi nangokuba akukho manga avela eqinisweni. Ngubani ongumqambimanga, uma kungesiye ophika ukuthi uJesu unguKristu na? Nguye ongumphikukristu ophika uYise neNdodana. Yilowo nalowo ophika iNdodana akanaye uYise; ovuma iNdodana unaye noYise. Lokho enakuzwayo kwasekuqaleni, makuhlale kinina. Uma kuhlala kini enakuzwayo kwasekuqaleni, nani niyakuhlala kuyo iNdodana nakuye uYise. Yilesi isithembiso yena asethembisa sona: ukuphila okuphakade. Nganilobela lokho ngabo abanidukisayo. Nina-ke, ukugcoba enakwamukela kuye kuhlala kini, anidingi ukuba nobani anifundise; kodwa lokhu ukugcoba kwakhe okunifundisa khona ngakho konke kuyiqiniso, akusiwo amanga, nanjengokuba kunifundisile, hlalani kuye.
1 kaJohane 2:20-27 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Kodwa nina ninokugcotshwa okuvela koNgcwele, futhi niyazi zonke izinto. Kangilibhalelanga ngoba lingalazi iqiniso, kodwa ngoba lilazi, lokuthi kakulamanga avela eqinisweni. Ngubani ongumqambimanga ngaphandle kwalowo ophika ukuthi uJesu unguKristu na? Ungumphikukristu, ophika uYise neNdodana. Ophika iNdodana akanaye uYise, kepha ovuma iNdodana unaye noYise. Ngakho-ke lokho enakuzwa kusukela ekuqaleni makuhlale kini. Uma lokho enakuzwa kwasekuqaleni kuhlala kini, nani niyohlala eNdodaneni nakuBaba. Yilesi isithembiso asithembisa sona: ukuphila okuphakade. Nginilobele lezi zinto ngabadukisayo. Kepha ukugcotshwa enakwemukela kuye kuhlala kini, anidingi ukuba ubani anifundise, nihlale kuye.
1 kaJohane 2:20-27 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)

1 kaJohane 2:20-27 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Ninogcobo oluvela koNgcwele futhi nazi konke. Anginilobelanga ngokuba ningalazi iqiniso, kodwa ngenxa yokuthi niyalazi nokuthi akukho manga avela eqinisweni. Ngubani ongumqambimanga, uma kungesiye lowo ophika ukuthi uJesu unguKhristu na? Yilowo ongumphikukhristu, ophika uYise neNdodana. Yilowo nalowo ophika iNdodana akanaye uYise, kodwa oyivumayo iNdodana unaye noYise. Lokho enakuzwayo kwasekuqaleni, makuhlale kini. Uma kuhlala kini enakuzwayo kwasekuqaleni, nani niyakuhlala kuyo iNdodana nakuye uYise. Nasi-ke isithembiso Yena asethembisa sona: ukuphila okuphakade. Nganilobela lokho maqondana nalabo abanidukisayo. Nina-ke, ugcobo enalwamukela kuye luhlala kini, anidingi ukuba anifundise, kodwa lokho kunigcoba kwakhe yikhona okunifundisayo ngakho konke; kuyiqiniso, akusiwo amanga, njengalokhu-ke kunifundisile, hlalani kuye.