1 kwabaseKorinte 3:12-15

1 kwabaseKorinte 3:12-15 ZUL59

Kepha uma umuntu akha phezu kwaleso sisekelo ngegolide, nesiliva, namatshe anenani, nemithi, notshani, nenhlanga, umsebenzi walowo nalowo uyakuvela obala; ngokuba usuku luyakuwudalula, lokhu kwambulwa ngomlilo, nokuthi umsebenzi walowo nalowo unjani, umlilo uqobo uyakukuvivinya lokho. Uma umsebenzi womuntu awakhileyo kuso umi, uyakwamukela umvuzo; uma umsebenzi womuntu usha, uyakulahlekelwa yiwo; kepha yena uqobo uyakusindiswa, nokho kube kungathi uphuma emlilweni.