1 kwabaseKorinte 3:12-15
1 kwabaseKorinte 3:12-15 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Kepha uma umuntu akha phezu kwalesi sisekelo ngegolide, nesiliva, namatshe anenani, nemithi, notshani, nezinhlanga; Umsebenzi walowo nalowo uyakubonakaliswa, ngokuba usuku luyakuwudalula, ngokuba uyakwambulwa ngomlilo; nomsebenzi walowo nalowo umlilo uyakuvivinya ukuthi unjani. Uma umsebenzi womuntu awakhileyo phezu kwalokho umi, uyakwamukeliswa umvuzo. Uma umsebenzi womuntu usha, uyakulahlekelwa nguye, kepha yena ngokwakhe uyakusindiswa; nokho kungathi ngomlilo.
1 kwabaseKorinte 3:12-15 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Kepha uma umuntu akha phezu kwalesi sisekelo ngegolide, ngesiliva, ngamatshe enani eliphezulu, ngezingodo, ngotshani nangezinhlanga, umsebenzi walowo nalowo uyakuvela obala, ngokuba usuku luyakuwudalula. Ngokuba lokho kuyakwambulwa ngomlilo, nokuthi umsebenzi womuntu ngamunye unjani. Umlilo luqobo uyakukuvivinya lokho. Uma umsebenzi womuntu awakhileyo umi phezu kwaso, lowo muntu uyakwamukela umvuzo, kodwa uma umsebenzi wakhe usha, uyakulahlekelwa yiwo, kepha yena luqobo uyakusindiswa; kuyakuba sengathi uphunyuke emlilweni.
1 kwabaseKorinte 3:12-15 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Kepha uma umuntu akha phezu kwaleso sisekelo ngegolide, nesiliva, namatshe anenani, nemithi, notshani, nenhlanga, umsebenzi walowo nalowo uyakuvela obala; ngokuba usuku luyakuwudalula, lokhu kwambulwa ngomlilo, nokuthi umsebenzi walowo nalowo unjani, umlilo uqobo uyakukuvivinya lokho. Uma umsebenzi womuntu awakhileyo kuso umi, uyakwamukela umvuzo; uma umsebenzi womuntu usha, uyakulahlekelwa yiwo; kepha yena uqobo uyakusindiswa, nokho kube kungathi uphuma emlilweni.
1 kwabaseKorinte 3:12-15 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)