1 kwabaseKorinte 15:1-11

1 kwabaseKorinte 15:1-11 ZUL59

Kepha, bazalwane, ngiyanikhumbuza ivangeli enganishumayeza lona nenalamukelayo nenimi kulo, nenisindiswa ngalo, nxa nibambelela ezwini enganishumayeza lona, uma kambe ukukholwa kwenu kungabanga yize. Ngokuba okokuqala nganinika lokho engakwamukela nami ukuthi uKristu wafa ngenxa yezono zethu njengokwemibhalo, nokuthi wembelwa, nokuthi wavuswa kwabafileyo ngosuku lwesithathu njengokwemibhalo, nokuthi wabonwa nguKhefase; wayesebonwa ngabayishumi nambili; emva kwalokho wabonwa ngasikhathi sinye ngabazalwane abadlula amakhulu ayisihlanu, iningi labo lisekhona nakalokhu, kepha abanye sebelele; emva kwalokho wabonwa nguJakobe; ngasemuva wabonwa ngabaphostoli bonke; ekugcineni kwabo bonke wabonwa nayimina enginjengozelwe kungakabi yisikhathi. Ngokuba mina ngingomncinyane kubaphostoli, engingafanele ukuthiwa umphostoli, ngokuba ngazingela ibandla likaNkulunkulu. Kepha ngomusa kaNkulunkulu ngiyikho engiyikho, nomusa wakhe kimi awubanga yize, kodwa ngasebenza kakhulu kunabo bonke; kepha akusimina kodwa ngumusa kaNkulunkulu okimi. Ngakho-ke noma kuyimina noma kuyibona, sishumayela kanjalo, nakholwa kanjalo.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne 1 kwabaseKorinte 15:1-11