1 kwabaseKorinte 15:1-11
1 kwabaseKorinte 15:1-11 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Phezu kwalokho, bazalwane, ngimemezela kini ivangeli engalishumayela kini, enalamukela futhi, enimi kulo; elisindiswa ngazo futhi, uma nikukhumbula lokho enganishumayeza khona, ngaphandle uma nikholwa ize. Ngokuba kuqala kunakho konke nganinika lokho engakwamukela nami, ukuthi uKristu wafela izono zethu njengokwemibhalo; lokuthi wembelwa, lokuthi wavuka ngosuku lwesithathu njengokwemibhalo; lokuthi wabonwa nguKhefase, kwasekulandela kwabalitshumi lambili; Emva kwalokho wabonwa ngasikhathi sinye kubazalwane abangaphezu kwamakhulu amahlanu; iningi labo lisekhona namanje, kepha abanye balele. Emva kwalokho wabonwa nguJakobe; kwasekusithi kubo bonke abaphostoli. Ekugcineni kwabo bonke wabonwa nakimi, njengakuwo owazalwa kungakabi yisikhathi. Ngokuba mina ngingomncinyane kubaphostoli, engingafanele ukubizwa ngomphostoli, ngokuba ngazingela ibandla likaNkulunkulu. Kepha ngomusa kaNkulunkulu ngiyikho engiyikho, nomusa wakhe kimi awubanga yize; kodwa ngisebenze kakhulu kakhulu kunabo bonke; Ngakho-ke noma kuyimi noma yibo, sishumayela kanjalo, nakholwa ngokunjalo.
1 kwabaseKorinte 15:1-11 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Bazalwane, ngiyanazisa ukuthi ivangeli enganishumayeza lona nalamukela, futhi enimi kulo, enisindiswa ngalo uma nibambelela ezwini enganishumayeza lona, ngaphandle kokuba ukukholwa kwenu kwaba yize. Ngokuba nganinika lokho okubalulekileyo kakhulu engakwamukela nami ukuthi uKhristu wafa ngenxa yezono zethu, njengokwemibhalo, nokuthi wambelwa, wavuswa kwabafileyo ngosuku lwesithathu njengokwemibhalo, nokuthi wabonwa nguKhefase, wayesebonwa ngabayishumi nambili. Emveni kwalokho, wabonwa ngabazalwane abangaphezu kwama-500 ngasikhathi sinye, iningi labo elisaphila namanje, kodwa abanye sebalala. Emveni kwalokho, wabonwa nguJakobe, wayesebonwa ngabaphostoli bonke; ekugcineni kwabo bonke, wabonwa nayimi enginjengozalwe kungakabi yisikhathi. Ngokuba mina ngingomncane kubaphostoli, engingafanele ukubizwa ngomphostoli, lokhu ngalihlupha ibandla likaNkulunkulu. Kepha ngomusa kaNkulunkulu ngiyikho engiyikho, futhi umusa wakhe kimi awubanga yize, kodwa ngasebenza kakhulu kunabo bonke; kodwa kungesimina, kepha kungumusa kaNkulunkulu okimi. Ngakho-ke noma yimina noma yibo, sishumayela kanjalo, nani nakholwa kanjalo.
1 kwabaseKorinte 15:1-11 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Kepha, bazalwane, ngiyanikhumbuza ivangeli enganishumayeza lona nenalamukelayo nenimi kulo, nenisindiswa ngalo, nxa nibambelela ezwini enganishumayeza lona, uma kambe ukukholwa kwenu kungabanga yize. Ngokuba okokuqala nganinika lokho engakwamukela nami ukuthi uKristu wafa ngenxa yezono zethu njengokwemibhalo, nokuthi wembelwa, nokuthi wavuswa kwabafileyo ngosuku lwesithathu njengokwemibhalo, nokuthi wabonwa nguKhefase; wayesebonwa ngabayishumi nambili; emva kwalokho wabonwa ngasikhathi sinye ngabazalwane abadlula amakhulu ayisihlanu, iningi labo lisekhona nakalokhu, kepha abanye sebelele; emva kwalokho wabonwa nguJakobe; ngasemuva wabonwa ngabaphostoli bonke; ekugcineni kwabo bonke wabonwa nayimina enginjengozelwe kungakabi yisikhathi. Ngokuba mina ngingomncinyane kubaphostoli, engingafanele ukuthiwa umphostoli, ngokuba ngazingela ibandla likaNkulunkulu. Kepha ngomusa kaNkulunkulu ngiyikho engiyikho, nomusa wakhe kimi awubanga yize, kodwa ngasebenza kakhulu kunabo bonke; kepha akusimina kodwa ngumusa kaNkulunkulu okimi. Ngakho-ke noma kuyimina noma kuyibona, sishumayela kanjalo, nakholwa kanjalo.
1 kwabaseKorinte 15:1-11 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)