1 kwabaseKorinte 12:4-11

1 kwabaseKorinte 12:4-11 ZUL59

Kepha kukhona iziphiwo zomusa ezahlukeneyo, kepha nguye lowo Moya. Kukhona izinkonzo ezahlukeneyo, kepha yiyo leyo Nkosi. Kukhona imisebenzi yamandla eyahlukeneyo, kepha nguye lowo Nkulunkulu osebenza konke kubo bonke. Kepha yilowo nalowo uphiwa okubonakalisa uMoya kube ngokokusiza. Ngokuba omunye uphiwa ngoMoya izwi lokuhlakanipha, kepha omunye izwi lokwazi ngaye lowo Moya, omunye ukukholwa kuye lowo Moya, omunye iziphiwo zokuphulukisa kuye uMoya munye, omunye ukwenza imisebenzi yamandla, omunye ukuprofetha, omunye ukwahlukanisa omoya, omunye ukukhuluma izilimi ngezilimi, omunye ukuhumusha izilimi. Kepha konke lokho kusetshenzwa nguyena lowo Moya munye, ebabela yilowo nalowo ngokwakhe njengokuthanda kwakhe.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne 1 kwabaseKorinte 12:4-11