1 kwabaseKorinte 12:4-11
1 kwabaseKorinte 12:4-11 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Kukhona-ke iziphiwo izinhlobonhlobo, kodwa uMoya munye. Futhi kukhona izinhlobonhlobo zezinkonzo, kodwa iNkosi eyodwa. Futhi kukhona izinhlobonhlobo zemisebenzi, kodwa nguNkulunkulu oyedwa osebenza konke kubo bonke. Kodwana yilowo nalowo uphiwa ukubonakalisa kukaMoya kube yinzuzo kubo bonke. Ngoba omunye uphiwa ngoMoya ilizwi lenhlakanipho; omunye izwi lokwazi ngaye lowoMoya; omunye ukholo ngaye lowoMoya; omunye izipho zokuphulukisa ngaye lowoMoya; omunye ukwenza izimangaliso; komunye isiprofetho; omunye ukuhlukanisa imimoya; omunye izinhlobo zezilimi; omunye ukuhunyushwa kwezilimi. Kepha konke lokho kusebenza yena lowo Moya munye, ebabela yilowo nalowo ngokunye ngokuthanda kwakhe.
1 kwabaseKorinte 12:4-11 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Kukhona iziphiwo ezahlukeneyo, kodwa zivela kuMoya munye. Kukhona imisebenzi eyehlukene yokukhonza, kodwa ivela kuyo leyo Nkosi. Kukhona imisebenzi eminingi eyehlukahlukene, kodwa uNkulunkulu munye osebenza kukho konke, nakubo bonke. Kepha yilowo nalowo uphiwa okokubonakalisa uMoya ukuba basizakale abanye. Ngokuba omunye uphiwa ngoMoya izwi lokuhlakanipha, omunye izwi lokwazi ngaye lowo Moya. Omunye uphiwa ukukholwa nguye lowo Moya, omunye aphiwe iziphiwo zokuphulukisa nguye lowo Moya munye; omunye uphiwa ukwenza imisebenzi yamandla, omunye ukuphrofetha, omunye ukwehlukanisa omoya, omunye ukukhuluma izilimi ngezilimi, omunye ukuhumusha izilimi. Konke lokho kwenziwa nguye lowo Moya munye, owabela lowo nalowo ngokuthanda kwakhe.
1 kwabaseKorinte 12:4-11 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Kepha kukhona iziphiwo zomusa ezahlukeneyo, kepha nguye lowo Moya. Kukhona izinkonzo ezahlukeneyo, kepha yiyo leyo Nkosi. Kukhona imisebenzi yamandla eyahlukeneyo, kepha nguye lowo Nkulunkulu osebenza konke kubo bonke. Kepha yilowo nalowo uphiwa okubonakalisa uMoya kube ngokokusiza. Ngokuba omunye uphiwa ngoMoya izwi lokuhlakanipha, kepha omunye izwi lokwazi ngaye lowo Moya, omunye ukukholwa kuye lowo Moya, omunye iziphiwo zokuphulukisa kuye uMoya munye, omunye ukwenza imisebenzi yamandla, omunye ukuprofetha, omunye ukwahlukanisa omoya, omunye ukukhuluma izilimi ngezilimi, omunye ukuhumusha izilimi. Kepha konke lokho kusetshenzwa nguyena lowo Moya munye, ebabela yilowo nalowo ngokwakhe njengokuthanda kwakhe.
1 kwabaseKorinte 12:4-11 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)