1 iziKronike 29:12-14

1 iziKronike 29:12-14 ZUL59

Ingcebo nenkazimulo kuvela kuwe, wena ubusa phezu kwakho konke; esandleni sakho kukhona amandla nezikhwepha, esandleni sakho kukhona ukukhulisa nokunika bonke amandla. Ngalokho, Nkulunkulu wethu, siyakubonga, siyadumisa igama lakho elitusekayo. “Ngokuba ngingubani mina, nabantu bami, bayini ukuba sibe namandla okunikela ngenhliziyo engaka na? Ngokuba konke kuvela kuwe, nokuvela esandleni sakho lokhu sikunike wena.