1 iziKronike 29:12-14
1 iziKronike 29:12-14 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Ingcebo nenkazimulo kuvela kuwe, Wena uyabusa phezu kwakho konke. Esandleni sakho kukhona amandla nezikhwepha, ukukhulisa nokunika bonke amandla. Ngalokho-ke, Nkulunkulu wethu, siyakubonga, siyalidumisa igama lakho elitusekayo. “Ngokuba ngingubani mina, nabantu bami bayini ukuba sibe namandla okunikela kangaka na? Ngokuba konke kuvela kuwe, thina-ke sikunika okuvela esandleni sakho.
1 iziKronike 29:12-14 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ingcebo nenkazimulo kuvela kuwe, wena ubusa phezu kwakho konke; esandleni sakho kukhona amandla nezikhwepha, esandleni sakho kukhona ukukhulisa nokunika bonke amandla. Ngalokho, Nkulunkulu wethu, siyakubonga, siyadumisa igama lakho elitusekayo. “Ngokuba ngingubani mina, nabantu bami, bayini ukuba sibe namandla okunikela ngenhliziyo engaka na? Ngokuba konke kuvela kuwe, nokuvela esandleni sakho lokhu sikunike wena.
1 iziKronike 29:12-14 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Ingcebo nodumo kuvela kuwe, wena ubusa phezu kwakho konke; futhi esandleni sakho kukhona amandla namandla; futhi esandleni sakho kukhona ukukhulisa nokunika amandla kubo bonke. Ngakho-ke, Nkulunkulu wethu, siyakubonga, siyalidumisa igama lakho elitusekayo. “Kodwa ngingubani mina, futhi bayini abantu bami, ukuba sibe namandla okunikela ngenhliziyo engaka? ngokuba konke kuvela kuwe, nokuvela kokwaKho sikunike wena.