Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne KwabaseKolose 3:12
![KwabaseKolose](/_next/image?url=https%3A%2F%2F%2F%2Fimageproxy.youversionapi.com%2Fhttps%3A%2F%2Fs3.amazonaws.com%2Fyvplans%2F52832%2F640x360.jpg&w=1920&q=75)
KwabaseKolose
4 Izinsuku
Lolu hlelo lokufunda lwezinsuku ezine luhlola incwadi kaPawulu eya kwabaseKolose, lapho ephikisana nemfundiso yamanga ngokusikhumbuza ukuthi uJesu - Emkhulu futhi wanele - wenza umhlaba wonke futhi wahlenga isintu. UPawulu unikeza nokuhlakanipha ngobuhlobo emindenini, ngomthandazo, ukuphila okungcwele, nokuthi kusho ukuthini ubunye othandweni.
![Uthando no Mshado](/_next/image?url=https%3A%2F%2F%2F%2Fimageproxy.youversionapi.com%2Fhttps%3A%2F%2Fs3.amazonaws.com%2Fyvplans%2F65%2F640x360.jpg&w=1920&q=75)
Uthando no Mshado
izinsuku ezingu 5
Ngokugxila emshadweni wethu ngokomongo womBhalo, sinikeza uNkulunkulu ithuba lokuveza ukuqonda okusha ngobudlelwano bethu nokuqinisa isibopho sethu. Lolu hlelo lubonisa indinyana egxile emBhalweni kanye nemicabango esheshayo usuku ngalunye ukuqala ingxoxo nokuthandaza nomlingani wakho. Lolu hlelo lwezinsuku ezinhlanu ukuzibophezela kwesikhashana ukukusiza ukuthi utshale imali ebudlelwaneni bakho bempilo yonke. Ukuze uthole okwengeziwe okuqukethwe, bheka finds.life.church
![Ukubona Ukuvuselelwa KukaNkulunkulu](/_next/image?url=https%3A%2F%2F%2F%2Fimageproxy.youversionapi.com%2Fhttps%3A%2F%2Fs3.amazonaws.com%2Fyvplans%2F161%2F640x360.jpg&w=1920&q=75)
Ukubona Ukuvuselelwa KukaNkulunkulu
izinsuku ezingu 5
Ukuba yisidalwa esisha kuKristu kusho ukuthi sivuselelwa njalo ngaye. Unkulunkulu uvuselela izinhliziyo, izingqondo nomzimba wethu. Ubuye avuselele inhloso yethu. Ngaleli hlelo leBhayibheli lezinsuku ezinhlanu, uzongena ujule kulokho okushiwo yiZwi likaNkulunkulu ngokuvuselelwa. Usuku ngalunye, uzothola ukufundwa kweBhayibheli nokuthandaza okufushane okuzosiza ukucabanga ngezindlela ezahlukahlukene esithola ngazo ukuvuselelwa kukaNkulunkulu. Ukuze uthole okwengeziwe okuqukethwe, bheka finds.life.church
![Umdlandla: Impilo Yobizo](/_next/image?url=https%3A%2F%2F%2F%2Fimageproxy.youversionapi.com%2Fhttps%3A%2F%2Fs3.amazonaws.com%2Fyvplans%2F22677%2F640x360.jpg&w=1920&q=75)
Umdlandla: Impilo Yobizo
izinsuku ezingu 5
Upawulu, isiboshwa seNkosi esikhululiwe, wancenga ibandla lase-Efesu ukuba ‘lihambe ngendlela efanele ukubizwa. Singabamele uBaba emhlabeni futhi ubizo lwethu wukumela Yena kahle. Njengoba ulwela ukuphila impilo enempilo noma ukuphila okuchichimayo, uqiniseka ngokwengeziwe ngobizo Lwakhe nokukhetha kwakho.
![Ukuthethelela Abasilimazayo](/_next/image?url=https%3A%2F%2F%2F%2Fimageproxy.youversionapi.com%2Fhttps%3A%2F%2Fs3.amazonaws.com%2Fyvplans%2F3595%2F640x360.jpg&w=1920&q=75)
Ukuthethelela Abasilimazayo
Izinsuku ezingu-7
Akukhathaliseki ukuthi sihlushwa amanxeba angokomzwelo noma ngokomzimba, intethelelo iyisisekelo sempilo yobuKristu. Ujesu Kristu wabhekana nazo zonke izinhlobo zokuphathwa ngokungafanele nokungalungile, kwaze kwaba seqophelweni lokufa okungafanele. Nokho ngehora lakhe lokugcina, wathethelela isela eliyinhlekisa elikwesinye isiphambano kanye nababulali bakhe.
![Ubuhlakani Obujulile: Uhambo lwezinsuku eziwu-7 Zobaba](/_next/image?url=https%3A%2F%2F%2F%2Fimageproxy.youversionapi.com%2Fhttps%3A%2F%2Fs3.amazonaws.com%2Fyvplans%2F13751%2F640x360.jpg&w=1920&q=75)
Ubuhlakani Obujulile: Uhambo lwezinsuku eziwu-7 Zobaba
Izinsuku ezingu-7
Kuyamangaza ukuthi obaba bethu banomthelela kangakanani kithi. Akekho ongabalekela amandla nesigqi sikababa emhlabeni. Futhi njengoba abantu besilisa bezizwa bengalungele ukuba obaba, kumele bafune umhlahlandlela - eZwini nakwabanye obaba. Ubuhlakani Obujulile buwuhambo oluya enhlakaniphweni nolwazi kobaba, buhlanganisa imigomo nobuhlakani obuseZwini kanye nesipiliyoni sobaba omdala, ohlakaniphile nofundile emaphutheni akhe.
![Ukuhlanzeka Okujulile: Ukuqeda Ihlazo, Imithelela Enobuthi, kanye Nokungathetheleli](/_next/image?url=https%3A%2F%2F%2F%2Fimageproxy.youversionapi.com%2Fhttps%3A%2F%2Fs3.amazonaws.com%2Fyvplans%2F24967%2F640x360.jpg&w=1920&q=75)
Ukuhlanzeka Okujulile: Ukuqeda Ihlazo, Imithelela Enobuthi, kanye Nokungathetheleli
Izinsuku ezingu-7
Kuthiwani uma kungadingeki silinde kuze kube yilapho sesifikile lapho sikhuluma khona lokho okuphukile ezimpilweni zethu? Njengoba nje sitshala imali ekuhlanzeni amakhaya ethu, yisikhathi sokumema uMoya oNgcwele ukuthi ahlanze izinhliziyo zethu. Kulolu Hlelo LweBhayibheli Lwezinsuku Ezingu-7, sizothola ukuthi singawuyeka kanjani umthwalo ongokomzwelo osibuyisela emuva futhi osindayo.
![INTO EYODWA](/_next/image?url=https%3A%2F%2F%2F%2Fimageproxy.youversionapi.com%2Fhttps%3A%2F%2Fs3.amazonaws.com%2Fyvplans%2F40071%2F640x360.jpg&w=1920&q=75)
INTO EYODWA
Izinsuku ezingu-7
Sizothola ukuthi kusho ukuthini ukuphilela uJesu ezweni eliphazamisekile. Leli zwe ligijima ngamamayela ayikhulu ngehora, futhi sinolwazi oluningi ezandleni zethu kunalokho esingakwazi ukukubamba. Ingabe yileso simo saleli zwe lanamuhla? Silehlisa kanjani ijubane endaweni eshesha kangaka? AmaHubo 27:4 anempendulo – INTO EYODWA, noPs Andrew Cartledge.
![Ukukhulisa Ubuholi ngokuhlakanipha kweBhayibheli](/_next/image?url=https%3A%2F%2F%2F%2Fimageproxy.youversionapi.com%2Fhttps%3A%2F%2Fs3.amazonaws.com%2Fyvplans%2F19658%2F640x360.jpg&w=1920&q=75)
Ukukhulisa Ubuholi ngokuhlakanipha kweBhayibheli
Izinsuku ezingu-8
Ukukhulisa ubuholi bethu kubalulekile namuhla. Kumele sandise, siqhakambise, sengeze futhi sikhulise ukuhlakanipha kobuholi bethu ukuqondisa indawo yethu eguquguqukayo. Ubuchwepheshe obuguquka ngokushesha, ukushintsha umsebenzi/imithelela yenqubo yeqembu, futhi nokushintsha kwezomnotho kungezinye izinkinga esihlangabezana nazo. Kepha ungacabangi ukuthi ukukhulisa ubuholi bethu kwenzelwa nje indawo yemsebenzi. Kumele sikhulise ukuqondisa amakhaya ethu futhi nasebudlelwaneni bethu. Jula namuhla ukuzuza ulwazi olufanelekile lokuhola.
![Ukuphila Okunamandla—Qala Ukuphila Ngempela](/_next/image?url=https%3A%2F%2F%2F%2Fimageproxy.youversionapi.com%2Fhttps%3A%2F%2Fs3.amazonaws.com%2Fyvplans%2F12967%2F640x360.jpg&w=1920&q=75)
Ukuphila Okunamandla—Qala Ukuphila Ngempela
Izinsuku eziwu 12
uJesu akazange alahle ukuphila Kwakhe okuphelele ukuze ukwazi Ukuphila nje eyakho. Abafana abayisikhombisa—njengawe—babekele eceleni izinsuku ezimbalwa zokwehlisa ijubane, ukuzijabulisa, ukuthola izimpendulo, futhi bakuqophe konke kuvidiyo. Ingabe ukuphila kuwumsebenzi kanye nengcindezi nje? Siphuma kanjani ku-treadmill yokusebenza? Ngingakwazi ukukhululeka ekuluthweni? ngiqala kanjani ukuphila ngempela? Qala lolu hlelo lwebhayibheli lwe-Life.Church nabanye abangani ukuze uthole kabanzi.
![Imizwa Engcwele - Izimpendulo ZeBhayibheli Kuzo Zonke Izinselelo](/_next/image?url=https%3A%2F%2F%2F%2Fimageproxy.youversionapi.com%2Fhttps%3A%2F%2Fs3.amazonaws.com%2Fyvplans%2F255%2F640x360.jpg&w=1920&q=75)
Imizwa Engcwele - Izimpendulo ZeBhayibheli Kuzo Zonke Izinselelo
Izinsuku ezingu 30
UNkulunkulu wakwenza futhi wakubeka ngalomzuzu wesikhathi, ukuba uthande abangathandeki, ubonise ukuthula esiphithiphithi, futhi ubonise injabulo yokudela kuzo zonke izimo. Lokhu kungase kubonakale kungenakwenzeka, kodwa ungakwenza lokhu ngokufunda lokho iBhayibheli elikushoyo ngemizwa yakho engokwemvelo yomuntu nendlela yokuyilawula. Le nkonzo ihlanganisa izinselelo ezijwayelekile futhi kwesinye isikhathi ezimangalisayo esibhekana nazo nsuku zonke, futhi inikeza izinkomba zeBhayibheli zokuthi ungayilawula kanjani imizwelo yakho ngendlela kaNkulunkulu.