Luka 8:47-48
Luka 8:47-48 CZB24
Owesifazane ebona ukuthi akacashile, weza ethuthumela, wawa phansi phambi kwakhe, walandisa phambi kwabantu bonke ukuthi ubemthintile ngani, nokuthi usinde kanjani masinyane. Wathi kuye: “Yima isibindi, ndodakazi, ukukholwa kwakho kukusindisile; hamba ngokuthula.