UNkulunkulu wathi kuye: “NginguNkulunkulu, uMninimandla onke; zalani nande; isizwe nesizwe sezizwe kuyakuvela kuwe, namakhosi ayakuphuma okhalweni lwakho;
Izwe engalinika u-Abrahama no-Isaka ngiyakulinika wena, nenzalo yakho emva kwakho ngiyakulinika izwe.