Logo YouVersion
Îcone de recherche

Luka 16

16
Luka 16
1Wayesethi nakubafundi bakhe: “Kwakukhona umuntu othile onothileyo owayenomphathi; yona yabekwa icala lokuthi ichithe impahla yayo.
2Wambiza wathi kuye: “Kuyini lokhu engikuzwa ngawe na? landisa ngobuphathi bakho; ngoba ungabe usaba ngumphathi.
3Wasesithi umphathi phakathi kwakhe: Ngizakwenzani? ngokuba inkosi yami ingaphuca ubuphathi; ukuncenga nginamahloni.
4Sengikwazi engizakwenza, ukuze, nxa ngikhutshwa ebuphathini, bangamukele ezindlini zabo.
5Wababizela kuye bonke abanamacala enkosini yakhe, wathi kowokuqala: ‘Unecala elingakanani enkosini yami na?
6Wasesithi: Izilinganiso eziyikhulu zamafutha. Wathi kuye: Thatha incwadi yakho, uhlale phansi masinyane, ulobe amashumi ayisihlanu.
7Wasesithi komunye: Wena-ke unecala elingakanani? Wathi: Izilinganiso eziyikhulu zikakolweni. Wathi kuye: Thatha incwadi yakho, ulobe amashumi ayisishiyagalombili.
8Inkosi yamtusa umphathi ongalungile, ngokuba wenze ngokuhlakanipha; ngokuba abantwana balesi sikhathi bahlakaniphile esizukulwaneni sabo kunabantwana bokukhanya.
9Nami ngithi kini: Zenzeleni nina abangane ngoMamona ongalungile; ukuze kuthi, nxa niphela, banamukele ezindlini eziphakade.
10Othembekile kokuncinyane uthembekile nakokukhulu, nongalungile kokuncane kakhulu akalungile nakokukhulu.
11Ngakho-ke uma ningathembekanga kokukaMamona ongalungile, ngubani oyakuniphathisa okuqinisileyo na?
12Njalo uba lingathembekanga kokukomunye, ngubani ozalinika okungokwakho?
13Ayikho inceku engakhonza amakhosi amabili, ngokuba iyakuzonda enye, ithande enye; noma ibambelele kwenye, idelele enye. Anikwazi ukukhonza uNkulunkulu noMamona.
14NabaFarisi abahahayo bezwa konke lokho, bamklolodela.
15Wathi kubo: “Nina ningabazishaya abalungileyo phambi kwabantu; kepha uNkulunkulu uyazazi izinhliziyo zenu, ngokuba lokho okuphakeme phakathi kwabantu kuyisinengiso emehlweni kaNkulunkulu.
16Umthetho nabaprofethi kwakukhona kwaze kwafika uJohane; kusukela ngaleso sikhathi umbuso kaNkulunkulu uyashunyayelwa, wonke umuntu ufukamela kuwo.
17Kepha kulula ukuba kudlule izulu nomhlaba kunokuba kuphele ichashana elilodwa lomlayo.
18“Yilowo nalowo olahla umkakhe, aganwe ngomunye, uyaphinga;
19Kwakukhona umuntu othile onothileyo, owayegqoka ezibubende nezelineni elicolekileyo, ezijabulisa imihla ngemihla etamasa.
20Kwakukhona isinxibi esithile, nguLazaru, esasibekwe esangweni laso sigcwele izilonda;
21Ifisa ukusuthiswa ngemvuthuluka ewa etafuleni lesicebi, phezu kwalokho kwafika nezinja zayikhotha izilonda zaso.
22Kwasekusithi wafa ompofu, wathwalwa yizingilosi esifubeni sikaAbrahama;
23Esihogweni saphakamisa amehlo aso, sisebuhlungwini, sabona u-Abrahama ekude, noLazaru esesifubeni sakhe.
24Samemeza sathi: ‘Baba Abrahama, ngihawukele, uthume uLazaru, agcobhoze isihloko somunwe wakhe emanzini, aphozise ulimi lwami; ngoba ngiyahlushwa kulelilangabi.
25Kepha u-Abrahama wathi: “Ndodana, khumbula ukuthi wamukela okuhle kwakho usesekuphileni, noLazaru ngokunjalo nokubi;
26Futhi phezu kwakho konke lokhu phakathi kwethu lani kubekiwe umhosha omkhulu, ukuze abafuna ukuwela besuka lapha besiya kini bangabi; futhi abanakuwelela kithi abafuna ukuvela khona.
27Wasesithi: Ngakho ngiyakucela, baba, ukuthi umthume endlini kababa;
28Ngokuba nginabafowethu abayisihlanu; ukuze afakaze kubo, hlezi nabo beze kulendawo yokuhlupheka.
29U-Abrahama wathi kuye: “BanoMose nabaprofethi; mabezwe.
30Sathi: ‘Qha, baba Abrahama, kepha uma omunye kwabafileyo eya kubo, bayakuphenduka.
31Wasesithi kuso: Uba bengalaleli uMozisi labaprofethi, kabayikuvunyiswa, loba kuvuka omunye kwabafileyo.

Sélection en cours:

Luka 16: CZB24

Surbrillance

Partager

Copier

None

Tu souhaites voir tes moments forts enregistrés sur tous tes appareils? Inscris-toi ou connecte-toi