YouVersion Logo
Search Icon

Mathewu 6

6
Mathewu 6
1Xwayani ukuba ukulunga kwenu ningakwenzi phambi kwabantu ukuba nibonwe yibo; uma kungenjalo, aninamvuzo kuYihlo osezulwini.
2Ngakho-ke nxa wabela izipho, ungakhalisi icilongo phambi kwakho, njengokuba kwenza abazenzisi emasinagogeni nasezitaladini, ukuze badunyiswe ngabantu. Ngiqinisile ngithi kini: Sebewutholile umvuzo wabo.
3Kepha wena nxa wabela isipho, isandla sakho sokhohlo masingakwazi esikwenzayo esokunene;
4ukuze isipho sakho sibe sekusithekeni, noYihlo obona ekusithekeni uyakukuvuza.
5Nalapho nikhuleka, ningabi njengabazenzisi, ngokuba bathanda ukukhuleka bemi emasinagogeni nasemakhoneni ezindlela ukuba babonwe ngabantu. Ngiqinisile ngithi kini: Sebewutholile umvuzo wabo.
6Kepha wena, nxa ukhuleka, ngena ekamelweni lakho, uthi usuvale umnyango wakho, ukhuleke kuYihlo osekusithekeni; futhi uYihlo obona ekusithekeni uzokubuyisela obala.
7Kepha nxa nikhuleka, ningaphindaphindi njengabezizwe, ngokuba bathi bayakuzwiwa ngokukhuluma kwabo okuningi.
8Ngakho maningafani nabo, ngokuba uYihlo uyakwazi enikusweleyo ningakaceli kuye.
9Ngakho anokhuleka kanje: Baba wethu osezulwini, malingcweliswe igama lakho.
10Umbuso wakho mawufike. Mayenziwe intando yakho emhlabeni njengasezulwini.
11Usiphe lamuhla isinkwa sethu sensuku zonke;
12Usithethelele amacala ethu, njengalokhu nathi sibathethelela abanamacala kithi.
13Ungasingenisi ekulingweni, kodwa usikhulule kokubi, ngokuba umbuso ungowakho, namandla, nenkazimulo, kuze kube phakade. Amen.
14Ngokuba uma nithethelela abantu iziphambeko zabo, noYihlo osezulwini uyakunithethelela nani;
15Kepha uma ningathetheleli abantu iziphambeko zabo, noYihlo akayikunithethelela iziphambeko zenu.
16Futhi nxa nizila ukudla, ningabi njengabazenzisi, ubuso obudangeleyo, ngokuba banyakamisa ubuso babo, ukuze babonakale kubantu ukuthi bazilile. Ngiqinisile ngithi kini: Sebewutholile umvuzo wabo.
17Kepha wena, nxa uzila, gcoba ikhanda lakho, ugeze ubuso bakho;
18ukuze ungabonakali kubantu ukuthi uzilile, kodwa kuYihlo osekusithekeni;
19Ningazibekeleli ingcebo emhlabeni, lapho inundu nokugqwala konakalisa khona, nalapho amasela efohla khona, ebe;
20Kodwa zibekeleni ingcebo ezulwini, lapho inundu lokuthomba kungoni, lalapho amasela angafohli khona, ebe;
21Ngokuba lapho kukhona ingcebo yenu, nenhliziyo yenu iyakuba-khona.
22Isibani somzimba yiso; ngakho uma iso lakho lilihle, umzimba wakho wonke uyakuba nokukhanya.
23Kepha uma iso lakho lilibi, umzimba wakho wonke uyakuba mnyama. Ngakho uma ukukhanya okukuwe kungubumnyama, bukhulu kangakanani lobo bumnyama!
24Akakho ongakhonza amakhosi amabili, ngokuba uyakuzonda enye, athande enye; noma ibambelele kwenye, idelele enye. Anikwazi ukukhonza uNkulunkulu noMamona.
25Ngalokho ngithi kini: Ningakhathazeki ngokuphila kwenu, ukuthi niyakudlani noma niyakuphuzani; nomzimba wenu ukuthi niyakwembathani. Ukuphila kakukhulu yini kunokudla, nomzimba kunesambatho?
26Bhekani izinyoni zezulu, ngokuba azihlwanyeli, azivuni, azibutheli eziphaleni; nokho uYihlo osezulwini uyazondla. Anizincono kakhulu na?
27Ngumuphi kini ongathi ngokukhathazeka anezele ingalo eyodwa ebukhulwini bakhe na?
28Nizikhathazelani ngesambatho na? Cabangani ngeminduze yasendle, ukuthi imila kanjani; azikhandleki, aziphothi;
29Kepha ngithi kini: NoSolomoni ebukhazikhazini bakhe bonke wayengembathisile okomunye wayo.
30Ngakho-ke, uma uNkulunkulu embesa kanjalo utshani basendle obukhona namuhla, futhi kusasa buphonswe eziko, akayikunembathisa kakhulu nina eninokukholwa okuncane na?
31Ngakho ningakhathazeki nithi: Siyakudlani na? noma: Siyakuphuzani na? noma: Siyakwembatha ngani na?
32Ngokuba konke lokho abezizwe bayakufuna; ngokuba uYihlo osezulwini uyazi ukuthi niyakudinga lokho konke.
33Kodwa funani kuqala umbuso kaNkulunkulu lokulunga kwakhe; futhi zonke lezi zinto ziyakwenezelwa nina.
34Ngakho-ke ningakhathazeki ngengomuso, ngokuba ikusasa liyazihlupha ngokwalo. Banele usuku ububi balo.

Currently Selected:

Mathewu 6: CZB24

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy