YouVersion Logo
Search Icon

Mathewu 5

5
Mathewu 5
1Wathi ebona izixuku wenyukela entabeni;
2Wasevula umlomo wakhe, wabafundisa, wathi:
3Babusisiwe abampofu emoyeni, ngokuba umbuso wezulu ungowabo.
4Babusisiwe abalilayo, ngokuba bayakududuzwa.
5Babusisiwe abamnene, ngokuba bayakudla ifa lomhlaba.
6Babusisiwe abalambele, bomele ukulunga, ngokuba bayakusuthiswa.
7Babusisiwe abanesihawu, ngokuba bayakuhawukelwa.
8Babusisiwe abahlanzekile enhliziyweni, ngokuba bayakubona uNkulunkulu.
9Babusisiwe abalamulayo, ngokuba bayakubizwa ngokuthi ngabantwana bakaNkulunkulu.
10Babusisiwe abazingelwa ngenxa yokulunga, ngokuba umbuso wezulu ungowabo.
11Nibusisiwe, nxa benithuka, benizingela, bekhuluma konke okubi ngani, beqamba amanga ngenxa yami.
12Jabulani nithokoze, ngokuba umvuzo wenu mkhulu ezulwini, ngokuba babazingela kanjalo abaprofethi abanandulele.
13Nina ningusawoti womhlaba, kepha uma usawoti edumele, ubusawoti bovuswa ngani na? kusukela ngaleso sikhathi awusasizi lutho, kuphela ukulahlwa ngaphandle, nokunyathelwa ngabantu.
14Nina ningukukhanya kwezwe. Umuzi ophezu kwentaba awunakufihlakala.
15Futhi abantu abasosi isibani basibeke ngaphansi kwesitsha, kodwa basibeke othini; futhi ikhanyisela bonke abasendlini.
16Kanjalo makukhanye ukukhanya kwenu phambi kwabantu, ukuze babone imisebenzi yenu emihle, badumise uYihlo osezulwini.
17Ningacabangi ukuthi ngize ukuchitha umthetho noma abaprofethi; angizanga ukuchitha, kodwa ukugcwalisa.
18Ngokuba ngiqinisile ngithi kini: Kuze kudlule izulu nomhlaba, akusoze kwadlula gamana linye nasicashana sinye somthetho, kuze kufezeke konke.
19Ngakho oweqa owodwa kule miyalo emincinyane, afundise abantu kanjalo, uyakuthiwa omncinyane embusweni wezulu; kepha oyigcinayo, ayifundise, lowo uyakuthiwa mkhulu embusweni wezulu.
20Ngokuba ngithi kini: Uma ukulunga kwenu kungadluli okwababhali nokwabaFarisi, anisoze nangena embusweni wezulu.
21Nizwile kwathiwa kwabasendulo: Ungabulali; nobulalayo uyakuba necala lokwahlulelwa.
22Kodwa mina ngithi kini: Loba ngubani othukuthelela umfowabo kungelasizatho uzakuba lecala lokwahlulelwa, njalo loba ngubani othi kumfowabo: Raca, uzakuba lecala lomphakathi; uzakuba sengozini yesihogo somlilo.
23Ngakho uma uletha umnikelo wakho e-altare, ukhumbula lapho ukuthi umfowenu unokuthile ngawe;
24Shiya lapho umnikelo wakho phambi kwe-altare, uhambe; qala ubuyisane nomfowenu, andukuba uze unikele umnikelo wakho.
25Vumelana masinyane nesitha sakho, usesendleleni naso; funa omelene nawe akunikele kumahluleli, umahluleli akunikele esikhonzini, uphonswe etilongweni.
26Ngiqinisile ngithi kuwe: Kawusoze uphume lapho, uze ukhokhe ifadingi lokugcina.
27Nizwile kwathiwa kwabasendulo: Ungaphingi;
28Kepha mina ngithi kini: Yilowo nalowo obuka owesifazane, amkhanuke, usephingile naye enhliziyweni yakhe.
29Uma iso lakho lokunene likukhubekisa, likhiphe, ulilahle;
30Uma isandla sakho sokunene sikukhubekisa, sinqume, usilahle;
31Kwathiwa: Loba ngubani owala umkakhe, kamnike incwadi yesehlukaniso;
32Kepha mina ngithi kini: Yilowo nalowo olahla umkakhe, kungengenxa yokuphinga, umenza ukuba aphinge;
33“Nizwile kwathiwa kwabasendulo: ‘Ungafungi, kepha ugcwalise izifungo zakho eNkosini;
34Kepha mina ngithi kini: Ningafungi nakanye; noma ngezulu; ngoba liyisihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu;
35Noma ngomhlaba; ngoba uyisenabelo senyawo zakhe: loba ngeJerusalema; ngoba kungumuzi weNkosi enkulu.
36Futhi ungafungi ngekhanda lakho, ngokuba ungeke wenze unwele lube mhlophe noma lube mnyama.
37Kodwa inkulumo yenu mayibe ngokuthi, Yebo, yebo; Cha, cha, ngokuba noma yini engaphezu kwalokhu ivela komubi.
38Nizwile kwathiwa: Iso ngelihlo, nezinyo ngezinyo;
39Kepha mina ngithi kini: Ningamelani nokubi;
40Uma umuntu ethanda ukukumangalela, akuphuce ingubo yakho, myeke athathe nesambatho sakho;
41Noma ngubani okuphoqa ukuba uhambe imayela elilodwa hamba naye abe mabili.
42Muphe ocela kuwe, ungamfulatheli ofuna ukuboleka kuwe.
43Nizwile kwathiwa: ‘Wothanda umakhelwane wakho, uzonde isitha sakho.’
44Kepha mina ngithi kini: Thandani izitha zenu, nibabusise abaniqalekisayo, nenze okuhle kwabalizondayo, nibakhulekele abaniphatha kabi, banizingele;
45ukuze nibe ngabantwana bakaYihlo osezulwini, ngokuba yena wenza ilanga lakhe liphume phezu kwababi nabahle, nemvula ayinisa kwabalungileyo nabangalungile.
46Ngokuba uma nithanda abanithandayo, ninamvuzo muni na? Abenzi njalo nabathelisi na?
47Uma nibingelela abafowenu bodwa, nenza ngani ngaphezu kwabanye na? Abenzi njalo nabathelisi na?
48Ngakho-ke yibani ngabaphelele, njengoba noYihlo osezulwini ephelele.

Currently Selected:

Mathewu 5: CZB24

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy