YouVersion Logo
Search Icon

1 kwabaseThesalonika 2

2
KwabaseThesalonika 1-2
1Ngokuba niyakwazi, bazalwane, ukungena kwethu kini, ukuthi akubanga yize;
2Kodwa lanxa sasihluphekile ngaphambili saphathwa kubi, njengoba lisazi eFiliphi, saba lesibindi kuNkulunkulu wethu sokukhuluma kini ivangeli likaNkulunkulu ngokuphikisana okukhulu.
3Ngokuba isikhuthazo sethu asiveli enkohlisweni, noma ngokungcola, noma ngenkohliso;
4Kodwa njengoba sivunyiwe nguNkulunkulu ukuthi siphathiswe ivangeli, sikhuluma ngokunjalo; kungenjengokuthokozisa abantu, kodwa uNkulunkulu ohlola izinhliziyo zethu.
5Ngokuba asizange sibe namazwi athophayo, njengokuba nazi, noma sifihle ukuhaha; UNkulunkulu ungufakazi:
6Asifunanga ukudunyiswa ngabantu, nakini, noma kwabanye, nakuba sasingaba umthwalo njengabaphostoli bakaKristu.
7Kodwa sasimnene phakathi kwenu njengomdlezane ondla abantwana bakhe;
8Kanjalo njengoba besinilangazela, sathanda ukuninika kungesilo ivangeli likaNkulunkulu kuphela, kepha nemiphefumulo yethu uqobo, ngokuba nanithandeka kithi.
9Ngokuba niyakhumbula, bazalwane, umshikashika wethu nokushikashikeka kwethu, sisebenza ubusuku nemini, ukuze singasindi muntu kini, sashumayela ivangeli likaNkulunkulu kini.
10Nina ningofakazi, noNkulunkulu naye, ukuthi saba ngcwele kanjani, nangokulunga, nokungasoleki phakathi kwenu nina enikholwayo;
11Njengalokhu nazi ukuthi sasiniyala, siniduduza, siyala yilowo nalowo kini njengoyise ebantwaneni bakhe;
12ukuze nihambe ngokufanele uNkulunkulu owanibizela embusweni nasenkazimulweni yakhe.
13Ngalokho nathi siyambonga uNkulunkulu singaphezi, ngokuba, lapho namukela izwi likaNkulunkulu enalizwa ngathi, anilamukelanga njengezwi labantu, kodwa njengezwi likaNkulunkulu elisebenzayo ngokweqiniso. Nakini enikholwayo.
14Ngokuba nina, bazalwane, naba ngabalingisi bamabandla kaNkulunkulu aseJudiya akuKristu Jesu;
15ababulala iNkosi uJesu nabaprofethi babo, basizingela nathi; abamthokozisi uNkulunkulu, baphambene nabantu bonke;
16besenqabela ukuthi sikhulume kwabezizwe ukuze basindiswe, bagcwalise izono zabo njalonjalo;
17Kepha thina, bazalwane, njengokuba sasuswa kini isikhathi esifushane ebusweni, kungenganhliziyo, sakhuthalela kakhulu kakhulu ukubona ubuso benu ngokufisa okukhulu.
18Ngalokho besifisa ukuza kini, mina Pawulu, kanye nakabili; kodwa uSathane wasivimbela.
19Ngokuba liyini ithemba lethu, nokuthokoza, nomqhele wethu wokuzibonga na? Angithi nina phambi kweNkosi yethu uJesu Kristu ekufikeni kwayo na?
20Ngokuba nina niyinkazimulo nokuthokoza kwethu.

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in