YouVersion Logo
Search Icon

1 kwabaseThesalonika 1

1
KwabaseThesalonika 1-1
1UPawulu, noSilvanu, noThimothewu kulo ibandla labaseThesalonika elikuNkulunkulu uBaba naseNkosini uJesu Kristu: Makube kini umusa nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba wethu naseNkosini uJesu Kristu.
2Sibonga uNkulunkulu njalo ngani nonke, sinikhumbula emikhulekweni yethu;
3sikhumbula ngokungaphezi umsebenzi wenu wokholo, nomshikashika wothando, nokubekezela kwethemba eNkosini yethu uJesu Kristu phambi kukaNkulunkulu uBaba wethu;
4sisazi, bazalwane abathandekayo, ukukhethwa kwenu kukaNkulunkulu.
5Ngokuba ivangeli lethu alifikanga kini ngezwi kuphela, kodwa nangamandla, nangoMoya oNgcwele, nangokuqiniseka okukhulu; njengokuba nazi ukuthi sasinjani phakathi kwenu ngenxa yenu.
6Nani naba ngabalingisi bethu nabeNkosi, selamukele izwi ekuhluphekeni okukhulu ngentokozo kaMoya oNgcwele;
7naze naba yisibonelo kubo bonke abakholwayo eMakedoniya nase-Akhaya.
8Ngokuba izwi leNkosi lazwakala livela kini, kungesikho eMakedoniya nase-Akhaya kuphela, kepha nasezindaweni zonke ukukholwa kwenu kuNkulunkulu kwanda; ukuze singadingi ukukhuluma utho.
9Ngokuba bona uqobo babika ngathi ukungena kwethu kini, nokuthi naphendukela kanjani kuNkulunkulu, niphuma ezithombeni, nikhonza uNkulunkulu ophilayo noweqiniso;
10nokulinda iNdodana yakhe ivela ezulwini, ayivusa kwabafileyo, uJesu osikhulula olakeni oluzayo.

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in