YouVersion Logo
Search Icon

ISihlabelelo Sezihlabelelo 5

5
Insizwa:
1 Sengingenile esivandeni sami,
dadewethu, makoti wami!
Sengiyibuthile imure yami
namakha ami,
sengiwadlile amakhekheba ami
noju lwami,
ngaphuza iwayini lami
nobisi lwami.
Abangani:
Yidlani bangani, niphuze,
niphuze neneliseke, zithandwa.
Ukulangazelela Kwentombi
Intombi:
2 Bengilele,
kodwa inhliziyo yami ibhekile;
ngezwa izwi lothandiweyo wami
engqongqoza!
“Ngivulele dadewethu,
sithandwa sami,
juba lami,
wena opheleleyo wami,
ngokuba ikhanda lami
ligcwele amazolo;
imiyeko yami, ngamaconsi asebusuku.”
3 Sengiyikhumulile ingubo yami,
ngingaphinde ngiyigqoke kanjani?
Sengizigezile izinyawo zami,
sengingazigcoliselani na?
4 Othandiweyo wami wangenisa isandla sakhe embotsheni,
izibilini zami zamlangazelela.
5Ngavuka ngamvulela
othandiweyo wami,
izandla zami
zaconsa imure,
nemure eyayiseminweni yami,
yagelezela phezu
kwezibambo zesihluthulelo.
6 Ngamvulela othandiweyo wami,
kodwa othandiweyo wami
wayesejike wahamba,
umphefumulo wami wephuka
lapho esephendukele eceleni,
ngamfuna kodwa ngangamthola,
ngambiza, akaze angiphendula.
7 Ngatholwa ngabaqaphi
ababehla benyuka emzini,
bangishaya, bangilimaza,
abaqaphi bezingange
bangihlubula ingubo yami.
Ukuphendulana Kwensizwa Nentombi
8 Madodakazi aseJerusalema
fungani!
Uma nimthola othandiweyo wami,
niyomtshela yini ukuthi
ngiyazifela ngaye na?
Abangani:
9 Othandiweyo wakho
ubedlula ngani abanye,
wena omuhle phakathi
kwabo bonke abesifazane na?
Othandiweyo wakho
ubedlula ngani abanye,
ukuze usifungise
kanjalo na?
Intombi:
10 Othandiweyo wami uyakhazimula ngobumhlophe,
ubomvu, uyakhanga phakathi kweshumi lezinkulungwane.
11Ikhanda lakhe liyigolide,
igolide loqobo elicolisekileyo.
Imiyeko yakhe
mikhulu njengehlathi,
imnyama njengegwababa.
12 Amehlo akhe anjengamajuba
ngasemiseleni yamanzi,
agezwe ngobisi
ehleli ngasemiseleni egcwele.
13 Izihlathi zakhe
zifana nombhede wamakha,
imibhoshongo yamakhambi
anephunga elimnandi.
Izindebe zakhe zomlomo
zifana neminduze
econsa imure emanzi.
14 Izingalo zakhe
ziyizindilinga zegolide
ezigcwaliswe ngamakhrisolithe.
Umzimba wakhe
ungathi wenziwe
ngophondo lwendlovu,
wembozwa ngamasafire.
15 Imilenze yakhe
iyizinsika zemabuli
ezibekwe phezu kwezisekelo
zegolide loqobo.
Isiqu sakhe sifana
neLebhanoni,
sinjengemisedari ekhethekileyo.
16 Okuphuma emlonyeni
wakhe kumnandi,
konke ayikho kuyanxaneleka.
Yilowo othandiweyo wami,
yilowo-ke ongumngani wami,
madodakazi aseJerusalema.

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in