YouVersion Logo
Search Icon

KwabaseRoma 10

10
UPawula Ufisa Abakwa-Israyeli Basindiswe
1 Bazalwane, isifiso senhliziyo yami nokunxusa kwami kuNkulunkulu ngukuba abakwa-Israyeli basindiswe. 2 Ngokuba ngiyabafakazela ukuthi banayo intshisekelo kaNkulunkulu, kodwa engasuki ekwazini, 3 lokhu bengakwazi ukulunga kukaNkulunkulu, bafuna ukumisa okwabo ukulunga; abakuthobelanga ukulunga kukaNkulunkulu. 4 Ngokuba isiphetho somthetho nguKhristu, kube ngukulunga kubo bonke abakholwayo. 5 UMose waloba mayelana nokulunga okuza ngomthetho, ukuthi umuntu owenza ukulunga okuvela emthethweni, uyakuphila ngakho. 6 Kepha ukulunga okuvela ngokukholwa kuthi: “Ungasho enhliziyweni yakho uthi: ‘Ngubani ozakwenyukela ezulwini na?’ okungukuthi ukwehlisa uKhristu, 7noma uthi: ‘Ngubani ozakwehlela endaweni yabafileyo na?’ ” okungukuthi ukukhuphula uKhristu kwabafileyo. 8Kepha kuthini na? Izwi liseduze nawe, emlonyeni wakho nasenhliziyweni yakho, okungukuthi izwi lokukholwa esilishumayelayo. 9 Ngokuba uma uvuma ngomlomo wakho ukuthi uJesu uyiNkosi, ukholwa enhliziyweni yakho ukuthi uNkulunkulu wamvusa kwabafileyo, uyakusindiswa. 10Ngokuba umuntu ukholwa ngenhliziyo kube ngukulunga, avume ngomlomo wakhe kube ngukusindiswa. 11 Umbhalo uthi: “Bonke abakholwa kuye abayukujabhiswa.”
12 Ngokuba akukho mahluko phakathi komJuda nomGriki, lokhu Yena uyiNkosi yabo bonke, futhi ubacebele bonke abakhuleka kuye, 13 ngokuba: “Bonke abakhuleka egameni leNkosi bayakusindiswa.”
14Kepha bayakukhuleka kanjani kulowo abangakholwa nguye na? Bayakukholwa kanjani kuye bengezwanga ngaye na? Bayakuzwa kanjani kungekho oshumayelayo na? 15 Bayakushumayela kanjani uma bengathunywa na? Njengokuba kulotshiwe ukuthi:
“Yeka, zinhle kangakanani izinyawo
zabashumayela izindaba ezinhle.”
16 Kepha abalilalelanga bonke ivangeli. Ngokuba u-Izaya, uthi: “Nkosi, ngubani owakholwa ngumbiko wethu na?”
17Ngakho-ke ukukholwa kuvela ngokuzwa, ukuzwa kuvela ngezwi likaKhristu. 18 Kepha ngithi: abezwanga yini na? Impela bezwa kahle:
“Izwi labo liphumele emhlabeni wonke,
namazwi abo emikhawulweni yomhlaba.”
19 Kepha ngithi: u-Israyeli akazanga yini na? Okokuqala, uMose uthi:
“Mina ngiyakunenza nibe nesikhwele ngabangesiso isizwe,
nginithukuthelise ngesizwe esingenakuqonda.”
20 Kepha u-Izaya unesibindi sokuthi:
“Ngafunyanwa yilabo abangangifunanga,
ngabonakala kulabo abangangibuzanga.”
21Kepha ku-Israyeli uthi:
“Usuku lonke ngelulela izandla zami
esizweni esingalaleliyo nesiphikisayo.”

Currently Selected:

KwabaseRoma 10: ZUL20

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in