1
KwabaseRoma 10:9
IsiZulu 2020
Ngokuba uma uvuma ngomlomo wakho ukuthi uJesu uyiNkosi, ukholwa enhliziyweni yakho ukuthi uNkulunkulu wamvusa kwabafileyo, uyakusindiswa.
Compare
Explore KwabaseRoma 10:9
2
KwabaseRoma 10:10
Ngokuba umuntu ukholwa ngenhliziyo kube ngukulunga, avume ngomlomo wakhe kube ngukusindiswa.
Explore KwabaseRoma 10:10
3
KwabaseRoma 10:17
Ngakho-ke ukukholwa kuvela ngokuzwa, ukuzwa kuvela ngezwi likaKhristu.
Explore KwabaseRoma 10:17
4
KwabaseRoma 10:11-13
Umbhalo uthi: “Bonke abakholwa kuye abayukujabhiswa.” Ngokuba akukho mahluko phakathi komJuda nomGriki, lokhu Yena uyiNkosi yabo bonke, futhi ubacebele bonke abakhuleka kuye, ngokuba: “Bonke abakhuleka egameni leNkosi bayakusindiswa.”
Explore KwabaseRoma 10:11-13
5
KwabaseRoma 10:15
Bayakushumayela kanjani uma bengathunywa na? Njengokuba kulotshiwe ukuthi: “Yeka, zinhle kangakanani izinyawo zabashumayela izindaba ezinhle.”
Explore KwabaseRoma 10:15
6
KwabaseRoma 10:14
Kepha bayakukhuleka kanjani kulowo abangakholwa nguye na? Bayakukholwa kanjani kuye bengezwanga ngaye na? Bayakuzwa kanjani kungekho oshumayelayo na?
Explore KwabaseRoma 10:14
7
KwabaseRoma 10:4
Ngokuba isiphetho somthetho nguKhristu, kube ngukulunga kubo bonke abakholwayo.
Explore KwabaseRoma 10:4
Home
Bible
Plans
Videos