YouVersion Logo
Search Icon

AMahubo 72

72
Ukukhulekela Ogcotshiweyo KaNkulunkulu
ElikaSolomoni
1Nkulunkulu, yipha inkosi ubulungiswa
nenkosana ukulunga kwakho.
2Iyokwehlulela isizwe sakho ngeqiniso,
nabampofu bakho, ngobulungiswa.
3Izintaba ziyakuletha impumelelo kubantu,
namagquma, ukulunga.
4Mayivikele abantu abampofu,
isindise abantwana babantulayo,
iphohloze umcindezeli.
5Bayakwesaba Wena,
kusekhona ilanga nenyanga,
izizukulwane ngezizukulwane.
6Mayifane njengemvula otshanini,
nanjengesihlambi simatisa umhlaba.
7Ezinsukwini zayo olungileyo uyakuqhakaza,
kuvame ukuthula,
ize ingabi bikho inyanga.
8Iyakubusa kusukela olwandle
kuze kube solwandle,
kusukela emfuleni kuze kube
semikhawulweni yomhlaba.
9Abakhe ehlane bayokhothama phambi kwayo,
izitha zayo zikhothe uthuli.
10Amakhosi aseTharishishi nawaseziqhingini
ayakuletha izipho.
Amakhosi aseShebha naseSebha ayoletha izipho.
11Wonke amakhosi ayokhothama phambi kwayo,
zonke izizwe ziyikhonze.
12Ngokuba iyakukhulula ompofu ozikhalela kuyo,
nohluphekayo ongenamsizi.
13Iyakuhawukela odangeleyo nompofu,
isindise imiphefumulo yabampofu.
14Iyokhulula impilo yabo kumcindezeli nonendluzula,
igazi labo liyigugu emehlweni ayo.
15Mayiphile, bayinike igolide laseShebha,
bayithandazele njalo,
bayibusise usuku lonke.
16Makube khona inala yokudla ezweni,
esiqongweni sezintaba,
ukudla kwalo kuyohashazela njengeLebhanoni,
abemizi bayokhahlela njengotshani bomhlaba.
17Igama layo malime
kuze kube phakade,
udumo lwayo luphakame njengelanga.
Zonke izizwe mazidunyiswe ngayo,
bonke abezizwe mabathi ibusisiwe.
18Makabongwe uSimakade uNkulunkulu,
uNkulunkulu ka-Israyeli,
okunguYena kuphela owenza izimangaliso.
19Malibongwe igama lakhe elikhazimulayo
kuze kube phakade,
umhlaba wonke ugcwale inkazimulo yakhe.
Amen, Amen.
20Lesi yisiphetho semikhuleko kaDavide
indodana kaJese.

Currently Selected:

AMahubo 72: ZUL20

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in