YouVersion Logo
Search Icon

AMahubo 71

71
Umkhuleko Wosemdala Ecela Ukusizwa
1Kuwena, Simakade, ngiyakhosela,
mangingajabhi naphakade.
2Ngokulunga kwakho ngikhulule, ungihlenge;
beka indlebe yakho kimi, ungisindise.
3Yiba yidwala lami lokukhosela,
engiza kulo njalo;
uyalezile ukuba ngisindiswe,
ngokuba uyidwala lami nenqaba yami.
4Nkulunkulu wami, ngikhulule esandleni sesikhohlakali,
nasekuxhakathisweni yisandla sowenza okubi nesowonakeleyo.
5Ngokuba Wena, Nkosi Simakade,
uyithemba lami;
ngethembele kuwe kwasebusheni bami.
6Ngancika kuwe kwasekuzalweni kwami,
nguwe owangikhipha esibelethweni sikamame.
Ukudumisa kwami njalo kungawe.
7Kwabaningi bengifana nesimangaliso,
kodwa Wena uyisiphephelo sami esinamandla.
8Usuku lonke, umlomo wami
ugcwele ukukubonga nokukubabaza.
9Ungangilahli ngesikhathi sobudala,
ungangishiyi lapho sengiluphele,
10ngokuba izitha zami zikhuluma ngami,
nabaqamekela umphefumulo wami
bahlangana ngami, bangihlebe,
11bathi:
“UNkulunkulu umshiyile;
mxosheni, nimbambe,
ngokuba akekho ongamkhulula.”
12Nkulunkulu, ungabi kude nami,
Nkulunkulu, phuthuma ungisize.
13Abamelene nami befuna umphefumulo wami
mabajabhe, baphele.
Labo abafuna ukungilimaza,
mabathelwe ngehlazo, bahlazeke.
14Kepha mina ngizohlala ngikwethemba njalo,
ngizokubonga ngingaphezi.
15Umlomo wami uzolanda ngokulunga kwakho
nensindiso yakho usuku lonke,
ngokuba anginakukubala.
16Ngizofika ngikubonge
ngezenzo zamandla zeNkosi uNkulunkulu;
ngizokudumisa ngokulunga kwakho,
kwakho wedwa.
17Nkulunkulu, wangifundisa kwasebusheni bami,
namanje ngisamemezela
ngemisebenzi yakho emangalisayo.
18Nalapho sengimdala, sengiyimpunga,
uze ungangishiyi,
ukuze ngishumayele ubukhulu bakho kwabasazozalwa,
namandla akho ezizukulwaneni.
19Nkulunkulu, ukulunga kwakho kufinyelela ezulwini,
Wena owenza izinto ezinkulu.
Nkulunkulu, ngubani onjengawe na?
20Wena owasikhombisa izinhlupheko ezimbi eziningi,
uyobuye usiphilise,
usikhuphule ezinzulwini zomhlaba.
21Yandisa udumo lwami, ubuye ungiduduze.
22Nkulunkulu wami, ngizobubonga ubuqotho bakho,
ngogubhu lwezintambo, ngikudumise ngehabhu,
Wena oNgcwele ka-Israyeli.
23Izindebe zomlomo wami zizojabula,
nomphefumulo wami ukuhubele,
ngokuba ungihlengile.
24Usuku lonke ulimi lwami
luzokhuluma ngokulunga,
ngokuba labo abafuna ukungenzakalisa
bazothelwa ngehlazo, baphoxeke.

Currently Selected:

AMahubo 71: ZUL20

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy