YouVersion Logo
Search Icon

AMahubo 116

116
Ukudumisa Kosindisiweyo
1Ngiyamthanda uSimakade,
ngokuba uyalizwa izwi lokukhuleka kwami.
2Ngokuba ubeke indlebe yakhe kimi,
ngizokhuleka kuye ngisaphila.
3Izintambo zokufa zingithandele,
nobuhlungu bendawo yabafileyo bungibambile,
ngibhekene nosizi nezinhlupheko.
4Ngase ngibiza igama likaSimakade, ngathi:
“Ngiyakuncenga, Simakade,
hlenga umphefumulo wami.”
5USimakade unomusa, ulungile,
uNkulunkulu wethu unobubele.
6USimakade uyamvikela ongenakuzisiza;
lapho ngithotshisiwe, Yena wangisindisa.
7Buyela endaweni yakho yokuphumula,
mphefumulo wami,
ngokuba uSimakade ukuphathe ngomusa.
8Impela uwuhlengile umphefumulo wami ekufeni,
namehlo ami, ezinyembezini,
nezinyawo zami, ekukhubekeni.
9Ngizohamba phambi kukaSimakade ezweni labaphilayo.
10Ngiyakholwa, yingakho ngathi:
“Ngihlushwe ngokweqile.”
11Ngisosizini, ngathi:
“Bonke abantu banamanga.”
12Ngiyakumnikani uSimakade
ngazo zonke izenzo zakhe ezinhle
angenzele zona na?
13Ngiyophakamisa indebe yensindiso,
ngilibize igama likaSimakade.
14Ngiyakufeza izithembiso zami kuSimakade,
yebo, naphambi kwabo bonke abantu bakhe.
15Kuyigugu emehlweni kaSimakade,
ukufa kwabangcwele bakhe.
16Impela ngiyinceku yakho Simakade,
ngiyinceku yakho,
indodana yencekukazi yakho,
uzikhumulile izintambo zami.
17Ngiyakunikela kuwe umnikelo wokubonga,
ngibize igama likaSimakade.
18Ngiyakufeza izithembiso zami kuSimakade,
yebo, naphambi kwabo bonke abantu bakhe,
19emagcekeni endlu kaSimakade,
phakathi kwakho, Jerusalema.
Haleluya!

Currently Selected:

AMahubo 116: ZUL20

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy