YouVersion Logo
Search Icon

AMahubo 115

115
Udumo Malube KuSimakade Yedwa
1Ayingabi kithina Simakade,
ayingabi kithina,
kodwa yinike igama lakho inkazimulo,
ngenxa yomusa wakho neqiniso lakho.
2Kungani abezizwe bethi:
“Uphi manje uNkulunkulu wabo na?”
3UNkulunkulu wethu usezulwini,
wenza konke ngokuthanda kwakhe.
4Izithombe zabo ziyisiliva negolide,
umsebenzi wezandla zomuntu.
5Umlomo zinawo, kepha azikhulumi,
amehlo zinawo, kepha aziboni.
6Izindlebe zinazo, kepha azizwa,
zinamakhala, kepha azihogeli.
7Zinezandla, kepha aziphathi,
zinezinyawo, kepha azihambi,
azenzi msindo ngemiphimbo yazo.
8Abazenzayo bayafana nazo,
bonke abazethembayo.
9Israyeli, themba kuSimakade,
Yena ulusizo lwabo nesihlangu sabo.
10Wena ndlu ka-Aroni, themba kuSimakade,
Yena ulusizo lwabo nesihlangu sabo.
11Nina enesaba uSimakade thembelani kuSimakade,
Yena ulusizo lwabo nesihlangu sabo.
12USimakade usikhumbulile, uzosibusisa,
abusise indlu ka-Israyeli,
abusise indlu ka-Aroni.
13USimakade uzobabusisa abamesabayo,
abancane nabadala.
14USimakade makanandise, nina nabantwana benu.
15Manibe ngababusisiweyo bakaSimakade,
uMdali wezulu nomhlaba.
16Izulu lingelikaSimakade,
kepha umhlaba wawabela abantwana babantu.
17Abafileyo abamdumisi uSimakade,
namunye wabo asebehlele endaweni yabafileyo.
18Kepha thina sizombonga uSimakade
kusukela manje kuze kube phakade,
Haleluya!

Currently Selected:

AMahubo 115: ZUL20

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy