YouVersion Logo
Search Icon

IZaga 5

5
Uthando Olungcolileyo
1 Ndodana yami,
lalela ukuhlakanipha kwami,
ubeke indlebe yakho ekuqondeni kwami.
2 Amasu nokwazi makukugcine,
khona kuyakulonda izindebe zakho.
3 Izindebe zowesifazane ondindayo ziconsa uju;
umlomo wakhe ubushelelezi kunamafutha,
4 kodwa ekugcineni uyababa njengenhlaba,
ubukhali njengenkemba ekhaliphe nhlangothi zombili.
5 Izinyawo zakhe zehlela ekufeni;
izinyathelo zakhe zibheke endaweni yabafileyo.
6 Akayiqikeleli indlela yokuphila,
funa ukwenza kwakhe kuguquke engazelele.
7 Ngakho-ke madodana ami, ngilaleleni,
ningachezuki emazwini omlomo wami.
8 Dedisela kude naye indlela yakho,
ungasondeli emnyango wendlu yakhe,
9funa unikele ngodumo lwakho kwabanye,
neminyaka yakho kwabanonya,
10funa abafokazi badle
basuthe ngamandla akho,
kuthi umsebenzi wakho owukhandlekele
uye endlini yomfokazi.
11Uyobubula ekugcineni,
lapho umzimba wakho
nenyama yakho sekuphela,
12 uthi:
“Yeka ukuzonda kwami ukuyalwa,
nokwedelela kwenhliziyo yami ukusolwa!
13 Angililalelanga izwi labafundisi bami;
angibekanga indlebe yami kubo ababengifundisa.
14 Ngacishe ngabhubha ngaphela
phakathi kwebandla nasenhlanganweni.”
15Phuza amanzi kowakho umthombokwakhiwa,
amanzi agobhozayo esuka
kowakho umthombo.
16 Ngabe imithombo yakho
isisabalele yonke indawo,
nemifula yamanzi ezigcawini na?
17Mayibe ngeyakho wedwa nje kuphela,
ingabi ngeyabafokazi abahlala phakathi kwakho.
18 Mawubusiswe umthombo wakho,
uthokoze ngomfazi wobusha bakho.
19 Uyindluzelekazi ethandayo, negogokazi elihle;
amabele akhe mawakwenelise njalo,
uhlale ugajwe uthando lwakhe.
20 Ndodana yami,
yini ekwenza uhlanyiswe ngumfazi ondindayo,
ugone umfazi ongamazi esifubeni na?
21 Ngokuba izindlela zomuntu
ziphambi kwamehlo kaSimakade;
uyayilinganisa yonke imikhondo yakhe.
22 Isikhohlakali siyakubhajwa ekukhohlakaleni kwaso,
sibhajwe yizintambo zesono saso.
23 Siyakufa ngenxa yokweswela ukuyalwa,
nangenxa yobukhulu bobuwula baso, siyoduka.

Currently Selected:

IZaga 5: ZUL20

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in