YouVersion Logo
Search Icon

IZaga 4

4
Ukuyala Kukayihlo
1 Yizwani madodana ami, ukuyala kukayihlo,
nilalelelisise, ukuze nazi ukuqonda.
2 Ngokuba ngininika imfundiso enhle;
ningawushayi indiva umthetho wami.
3 Ngokuba ngangiyindodana kababa,
ngintekentekana, futhi ngingedwa kumame,
4 wangifundisa,
wathi, kimi:
“Inhliziyo yakho mayibambelele emazwini ami,
ugcine imiyalelo yami, uphile.
5 Zuza ukuhlakanipha, uzuze ukuqonda;
ungakhohlwa, ungachezuki emazwini omlomo wami;
6ungakushiyi, kuyakukugcina;
kuthande, kuyakukulondoloza.
7 Ukuqala kokuhlakanipha yilokhu:
zuza ukuhlakanipha;
yebo, ngakho konke okutholileyo,
zuza ukuqonda.
8Kuhloniphe, kuyakukuphakamisa;
kuyakukudumisa, lapho ukugona.
9 Kuyakukufaka umqhele womusa ekhanda lakho,
kukunike umqhele wodumo.”
10 Yizwa ndodana yami,
wemukele amazwi ami
khona iminyaka yokuphila
kwakho iyoba miningi.
11 Ngikufundisile indlela yokuhlakanipha,
ngakuhola emikhondweni yobuqotho.
12 Lapho uhamba,
izinyathelo zakho aziyukuthiywa yilutho,
nalapho ugijima awuyukukhubeka.
13 Bambelela ekuyalweni, ungakuyeki;
kulonde,
ngokuba kungukuphila kwakho.
14 Ungalubhadi unyawo lwakho
endleleni yezikhohlakali,
ungahambi emkhondweni wababi.
15Yigweme, ungahambi ngayo;
chezuka kuyo,
16 Ngokuba abalali uma bengakwenzanga okubi;
bayaqwasha uma bengakhubekisanga muntu;
17 kwazise badla isinkwa senkohlakalo,
baphuze iwayini lobudlova.
18 Indlela yabalungileyo injengokukhanya kokusa
okuqhubeka kukhanye kuze kube semini.
19 Indlela yezikhohlakali injengobumnyama;
abazi nokuthi bakhutshwa yini.
20 Ndodana yami,
lalela amazwi ami,
ubeke indlebe yakho
kukho ukukhuluma kwami.
21 Makungasuki emehlweni akho,
ukugcine ekujuleni kwenhliziyo yakho,
22 ngokuba kungukuphila kwabakufumanayo,
nempilo emzimbeni wonke.
23 Gcina inhliziyo yakho kukho konke okulondayo,
ngokuba yona ingumthombo wokuphila.
24 Qhela ekukhulumeni okugwegwile,
dedisela kude nawe izindebe ezonakele.
25Amehlo akho mawabheke phambili,
nezinkophe zakho ziqonde phambi kwakho.
26 Hlelemba indlela yezinyawo zakho
ukuze ziphephe zonke izindlela zakho.
27 Ungaphambukeli kwesokunene nakwesokhohlo;
dedisa unyawo lwakho kokubi.

Currently Selected:

IZaga 4: ZUL20

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in