YouVersion Logo
Search Icon

IZaga 22

22
Indlela Yokulunga Nendlela Yobubi (13)
1 Igama elihle likhethekile
kunengcebo enkulu, nomusa,
kunesiliva negolide.
2 Abacebile nabampofu bayefana;
bonke benziwe nguSimakade.
3 Ohlakaniphileyo uyayibona ingozi, acashe,
kodwa abangenalwazi bayaphikelela, bajeziswe.
4 Umvuzo wokuthobeka nokwesaba uSimakade
wudumo, nengcebo nokuphila.
5Ameva nezingibe kusendleleni yabaphambukileyo,
kodwa ogcina umphefumulo wakhe
uhambela kude nakho.
6 Khulisa umntwana ngendlela eyakuba ngeyakhe;
kuyakuthi lapho esekhulile angasuki kuyo.
7 Isicebi sibusa phezu kwabampofu,
nobolekayo uyisigqila somtshelekileyo.
8 Ohlwanyela ububi uyakuvuna usizi,
nenduku yolaka lwakhe iyakuphela.
9 Ophanayo uyobusiswa,
ngoba wabelana ukudla nabampofu.
10 Xosha isedeleli,
kuzophela ingxabano,
ukuphikisana nehlazo.
11 Othanda inhliziyo ehlanzekileyo
nonenkulumo enomusa,
ungumngani wenkosi.
12Amehlo kaSimakade alonda ulwazi,
kepha uyawabhubhisa amazwi eqili.
13 Ivila, lithi:
“Kunebhubesi ngaphandle;
ngaphuma nje ngizobulawa emgwaqweni.”
14 Umlomo wowesifazane ondindayo
ungumgodi ojulileyo;
oqalekiswe nguSimakade, uyakuwela kuwo.
15 Ubuwula buboshelwe enhliziyweni yomntwana,
kodwa induku yokumyala
ibuqhelisela kude naye.
16Ocindezela ompofu ukuze azicebise yena,
nopha ocebileyo, kuholela ebuphofini.
Amazwi Ezihlakaniphi: Isigaba Sokuqala (1)
17 Beka indlebe yakho,
uzwe amazwi ezihlakaniphi,
usigcine enhliziyweni yakho isifundiso sami,
18ngokuba kuyokuba mnandi
ukuba ukulonde enhliziyweni yakho,
lapho konke sekulungele izindebe zakho.
19Ukuba ithemba lakho libe kuSimakade,
ngikwazisile khona namuhla,
yebo, wena.
20Angikulobelanga yini izeluleko nokwazi
ezinsukwini ezintathu,
21 ukuba kukufundise iqiniso,
namazwi athembekile,
ukuze uthumele impendulo
eyiqiniso kwabakuthumileyo na?
22 Ungamqoli ompofu
ngoba ubona ubuphofu bakhe;
ungamcindezeli ohluphekile esangweni,
23 ngokuba uSimakade
uyayimela indaba yabo,
kuthi ababephucayo Yena
abephuce ukuphila kwabo.
24 Ungabi ngumngani womuntu onolaka,
ungahambi nomuntu othukutheleyo,
25 funa ufunde izindlela zakhe,
umphefumulo wakho uwele ogibeni.
26 Ungazibandakanyi nabenza izibambiso,
noma ube yisibambiso sesikweletu;
27 uma kungekho ongakhokha ngakho,
uyakuthathelwani umbhede wakho
phansi kwakho na?
28 Ungasisusi isikhonkwane esidala
esashayelwa ngokhokho bakho.
29 Uyambona umuntu onekhono,
uyosebenzela amakhosi,
hhayi abantukazana.

Currently Selected:

IZaga 22: ZUL20

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in