YouVersion Logo
Search Icon

INumeri 4

4
Umsebenzi WabaLevi Bozalo LukaKhohathi
1USimakade wakhuluma kuMose no-Aroni, wathi: 2“Balani bonke abozalo lukaKhohathi, abaphakathi kwabozalo lukaLevi ngokwemindeni yabo nangokwezindlu zokhokho babo, 3 kusukela kwabaneminyaka engama-30 kuya phezulu, kuze kufike kwabaneminyaka engama-50, bonke abangena ukuzokwenza umsebenzi ethendeni lokuhlangana.
4 “Umsebenzi wabozalo lukaKhohathi ethendeni lokuhlangana umayelana nezinto ezingcwelengcwele. 5 Uma inkambu ithutha, u-Aroni uyakungena namadodana akhe, behlise ikhethini elihenqile, bamboze ngalo umphongolo wobufakazi. 6 Bayowumboza ngaphezulu ngesikhumba samahlengethwa, bendlale indwangu eluhlaza okwesibhakabhaka phezu kwaso, bese befaka izingongolo zawo.
7 “Phezu kwetafula lezinkwa zobukhona, bayakwendlala indwangu eluhlaza okwesibhakabhaka, babeke kuyo izingqwembe, izinkezo, izinkamba, nezindebe zomnikelo wokuphuzwayo; kuhlale kunesinkwa phezu kwalo. 8Bayakwendlala phezu kwazo indwangu ebomvu, bayemboze ngesikhumba samahlengethwa, bese befaka izingongolo zalo.
9“Bayakuthatha indwangu eluhlaza okwesibhakabhaka, bamboze uthi lwezibani, nezibani zalo, izindlawu zalo, izitsha zalo zomlotha, nazo zonke izitsha zamafutha abazisebenzisa kulo; 10bayakulufaka nezinto zalo zonke esikhumbeni samahlengethwa, bese bekubeka konke ohlakeni.
11“Phezu kwe-althare legolide bayokwendlala indwangu eluhlaza okwesibhakabhaka, bayemboze ngesikhumba samahlengethwa, bese befaka izingongolo zalo.
12“Bayothatha zonke izimpahla zokukhonza abakhonza ngazo endaweni engcwele, bazifake endwangwini eluhlaza okwesibhakabhaka, bazemboze ngesikhumba samahlengethwa, bazibeke ohlakeni.
13 “Bayakususa umlotha e-althare, bendlale phezu kwalo indwangu ebukhwebezane, 14babeke kuyo zonke izimpahla zalo abakhonza ngazo kulo, imicengezi yempepho, izimfologo, amafosholo, nezimpahla zonke ze-althare, bendlale phezu kwazo isembozo sesikhumba samahlengethwa, bese befaka izingongolo zalo.
15 “Nxa u-Aroni namadodana akhe sebeqedile ukwemboza indawo engcwele nempahla yonke yendawo engcwele, lapho inkambu seyithutha, kuyakuza abozalo lukaKhohathi ukuzokuthwala, kodwa abayukuthinta lutho olungcwele ngokuba bayokufa. Lezi zinto zingumthwalo wabozalo lukaKhohathi ethendeni lokuhlangana.
16 “U-Eleyazare, indodana ka-Aroni umphristi, uyakulungisa amafutha okukhanyisa impepho ethaphukayo, umnikelo wokusanhlamvu wemihla ngemihla, namafutha okugcoba futhi anakekele ithabanakeli lonke nakho konke okukulo; indawo engcwele nempahla yayo.”
17USimakade wakhuluma kuMose no-Aroni, wathi: 18“Niqikelele ukuba isizwana semindeni kaKhohathi singapheli phakathi kwabaLevi, 19 kodwa niyakubaphatha kanje ukuze baphile, bangafi uma besondela ezintweni ezingcwelengcwele: u-Aroni namadodana akhe bayongena babanikeze yilowo nalowo umsebenzi wakhe nomthwalo wakhe. 20 Abanakungena ukuba babuke okungcwele ngisho umzuzwana nje, funa bafe.”
Umsebenzi WabaLevi Bozalo LukaGereshoni
21USimakade wakhuluma kuMose, wathi: 22“Bala inani labozalo lukaGereshoni ngokwezindlu zokhokho babo nangemindeni yabo, 23 kusukela kwabaneminyaka engama-30 kuya phezulu, kuze kufike kwabaneminyaka engama-50, bonke abangena ukuyokwenza umsebenzi ethendeni lokuhlangana.
24 “Nanku umsebenzi wemindeni kaGereshoni, ngowokukhonza nowokuthwala: 25 bayakuthwala amakhethini ethabanakeli, ithende lokuhlangana, isembozo salo, isembozo esiyisikhumba samahlengethwa esiphezu kwalo, isihenqo esisemnyango wethende lokuhlangana, 26amakhethini asegcekeni, isihenqo somnyango wesango legceke elingasethabanakelini nase-althare nxazonke, izintambo zalo, nayo yonke impahla abayisebenzisayo; bayokwenza konke okudinga ukwenziwa maqondana nabo. 27Yonke imisebenzi yabozalo lwamaGerishoni nakho konke abakwenzayo nabayokwenza, kuyoya njengokuyala kuka-Aroni namadodana akhe, bayakuwamisela imisebenzi okumele ayenze. 28Yilowo umsebenzi wemindeni yabozalo lwamaGereshoni ethendeni lokuhlangana, ebayakuyigcina phansi kwesandla sika-Ithamari, indodana ka-Aroni umphristi.
Umsebenzi WabaLevi Bozalo LukaMerari
29“Abozalo lukaMerari uyobabala ngemindeni yabo nangezindlu zokhokho babo; 30kusukela kwabaneminyaka engama-30 kuya phezulu, kuze kube kwabaneminyaka engama-50, uyobabala bonke abangena ukuyokwenza umsebenzi ethendeni lokuhlangana. 31 Nakhu abayalwa ukuba bakwenze, okungumsebenzi wabo ethendeni lokuhlangana: ukuthwala amapulangwe ethabanakeli, imishayo yalo, izinsika zalo, izinyawo zalo, 32izinsika zegceke nxazonke, izisekelo zalo, izikhonkwane zalo, izintambo zalo, impahla yalo yonke, nomsebenzi walo wonke, niyoyisho ngamagama impahla okufanele bayithwale. 33Yilowo umsebenzi wemindeni yabozalo lukaMerari abamiselwe ukuwenza ethendeni lokuhlangana phansi kwesandla sika-Ithamari, indodana ka-Aroni umphristi.”
Ukubalwa Kwamadodana KaKhohathi
34UMose, u-Aroni nabaholi benhlangano, babala abozalo lukaKhohathi ngemindeni yabo nangezindlu zokhokho babo, 35kusukela kwabaneminyaka engama-30 kuze kube kwabeneminyaka engama-50, bonke abangena ukwenza umsebenzi wokukhonza ethendeni lokuhlangana. 36Labo ababalwa ngemindeni yabo babeyizi-2 750. 37Yilabo ababalwayo, bemindeni yamaKhohathi, bonke abakhonza ethendeni lokuhlangana, ababalwa nguMose no-Aroni njengesiyalezo sikaSimakade ngesandla sikaMose.
38Labo ababalwayo bozalo lukaGereshoni ngemindeni yabo nangezindlu zokhokho babo, 39kusukela kwabaneminyaka engama-30 kuze kube kwabaneminyaka engama-50, bonke abangena emsebenzini wokukhonza ethendeni lokuhlangana, 40labo ababalwayo kubo ngemindeni yabo nangezindlu zokhokho babo, babeyizi-2 630. 41Yilabo ababalwayo bemindeni yozalo lukaGereshoni, bonke abakhonza ethendeni lokuhlangana, ababalwa nguMose no-Aroni njengesiyalezo sikaSimakade.
42Labo ababalwayo, bemindeni yozalo lukaMerari ngemindeni yabo nangezindlu zokhokho babo, 43kusukela kwabaneminyaka engama-30 kuze kube kwabaneminyaka engama-50, bonke abangena emsebenzini wokukhonza ethendeni lokuhlangana, 44labo ababalwayo kubo ngemindeni yabo, babeyizi-3 200. 45Yilabo ababalwayo, bemindeni yozalo lukaMerari, ababalwa nguMose no-Aroni njengokusho kukaSimakade ngesandla sikaMose.
46Bonke ababalwayo babaLevi, ababalwa nguMose no-Aroni nabaholi bakwa-Israyeli ngemindeni yabo nangezindlu zokhokho babo, 47kusukela kwabaneminyaka engama-30 kuze kube kwabaneminyaka engama-50, bonke abangena ukwenza umsebenzi wenkonzo nomsebenzi wokuthwala ethendeni lokuhlangana, 48 labo ababalwayo kubo, babeyizi-8 580. 49 Babalwa-ke njengesiyalezo sikaSimakade kuMose, kwaba yilowo nalowo emsebenzini wakhe nasemthwalweni wakhe.
Babalwa kanjalo-ke, njengalokhu uSimakade ayemyalile uMose.

Currently Selected:

INumeri 4: ZUL20

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in