INumeri 5
5
Ukukhishwa Kwabangcolileyo Enkanjini
1 USimakade wakhuluma kuMose, wathi: 2 “Yala abantu bakwa-Israyeli ukuba babakhiphe enkanjini bonke abanochoko, nabo bonke abamfimfayo, nabangcoliswe wukuthinta abafileyo. 3Niyokhiphela ngaphandle kwenkambu abesilisa nabesifazane, ukuze bangalingcolisi inkambu engihlala kulo.”
4Abantu bakwa-Israyeli benza kanjalo, babakhiphela ngaphandle kwenkambu; njengalokhu uSimakade ayekhulume noMose, benza kanjalo-ke abantu bakwa-Israyeli.
Isono Sokuphambuka KuSimakade Nesinxephezelo Kowoniwe
5 USimakade wakhuluma kuMose, wathi: 6 “Yisho kubantu bakwa-Israyeli, uthi kubo: ‘Uma owesilisa noma owesifazane benza isono esivame esintwini sonke, baphambuke kuSimakade, lowo muntu uyoba necala. 7 Uyovuma isono sakhe asenzileyo, akhokhe isinxephezelo ngaso, anezelele kuso isamba esingokwesihlanu, asinike lowo amonile. 8Uma umuntu owoniweyo engenasihlobo okungakhokhwa kuso isinxephezelo, isinxephezelo esikhokhwa kuSimakade siyoba ngesomphristi, ngaphandle kwenqama yokubuyisana ayokwenzelwa ngayo ukubuyisana. 9 Yonke iminikelo yezinto ezingcwele zabantu bakwa-Israyeli abayoyinikela kumphristi, iyakuba ngeyakhe. 10Izinto zonke ezingcwele ziyakuba ngezakhe, nakho konke abayakukunikela kumphristi kuyokuba ngokwakhe.’ ”
Umthetho Oqondene Nomfazi Ophingayo
11USimakade wakhuluma kuMose, wathi: 12 “Yisho kubantu bakwa-Israyeli, uthi kubo: ‘Uma umfazi womuntu ephambuka, angethembeki kuye, 13alale nenye indoda, immithise, kufihleke endodeni yakhe, futhi angabanjwa, uzingcolisile, noma ngabe akukho fakazi nokho ngaye, futhi engabanjwanga egila lo mkhuba. 14Uma indoda yakhe iba nesikhwele ngomkayo ozingcolisile, noma ifikelwe yisikhwele ngomkayo ongazingcolisanga, 15 indoda iyakuletha umkayo kumphristi, imlethele umnikelo wakhe, ube okweshumi kwe-efa lempuphu yebhali, ayiyukuthela amafutha kuyo, noma ibeke nenhlaka kuyo, ngokuba kungumnikelo wokusanhlamvu wesikhwele, umnikelo wokusanhlamvu wesikhumbuzo, wokuzikhumbuza ngobubi.
16“ ‘Umphristi uyakumsondeza, ammise phambi kukaSimakade. 17Umphristi uyothatha amanzi angcwele esitsheni sebumba, nothuli oluphansi ethabanakelini. Uyakuluthatha alufake emanzini, 18umphristi uyommisa owesifazane phambi kukaSimakade, athukulule izinwele zekhanda lowesifazane, abeke umnikelo wokusanhlamvu wesikhumbuzo ezandleni zakhe, umnikelo wokusanhlamvu wesikhwele; kuthi esandleni somphristi kube namanzi ababayo aletha isiqalekiso. 19 Umphristi uyomfungisa owesifazane, athi: “Uma kungekho ndoda elale nawe, uma ungaphambukelanga ekungcoleni usephansi kwendoda yakho, khululeka kulawa manzi ababayo aletha isiqalekiso, 20kodwa uma uphambukile usephansi kwendoda yakho, futhi uzingcolisile, walala nenye indoda engesiye umyeni wakho,” 21umphristi uyomfungisa owesifazane ngesifungo sesiqalekiso, athi: “USimakade makakwenze isiqalekiso nesifungo sesiqalekiso kwabakini; uSimakade ashwabanise ithanga lakho, avuvukalise nesisu sakho; 22lawa manzi aletha isiqalekiso, ayongena ezibilini zakho, avuvukalise isisu sakho, ashwabanise ithanga lakho;” owesifazane uyakuthi: “Amen! Amen!”
23“ ‘Umphristi uyozibhala lezi ziqalekiso encwadini, azesule ngamanzi ababayo. 24Uyomphuzisa owesifazane amanzi ababayo aletha isiqalekiso. Uyowaphuza amanzi ababayo angene kuye amlethele isiqalekiso sezinto ezibabayo. 25Umphristi uyowuthatha esandleni sowesifazane umnikelo wokusanhlamvu wesikhwele, awuzungezise umnikelo wokusanhlamvu phambi kukaSimakade, awusondeze e-althare. 26Umphristi uyowucaphuna ugcwale isandla umnikelo wokusanhlamvu, ube umnikelo oyisikhumbuzo, awushise e-althare andukuba aphuzise owesifazane amanzi. 27 Uma esemphuzisile amanzi, kuyakuthi uma ezingcolisile wenza ukungethembeki kumyeni wakhe, amanzi aletha isiqalekiso ayongena kuye, alethe isiqalekiso esibi, avuvukalise isisu sakhe, ashwabanise ithanga lakhe, owesifazane abe yisiqalekiso phakathi kwabakubo. 28Kodwa uma engazingcolisanga, ehlambulukile, uyakukhululeka, akhulelwe, athole abantwana.
29“ ‘Yilona umthetho wesikhwele, uma umfazi ephambukile esephansi kwendoda yakhe, wazingcolisa, 30nalapho indoda ivukwa yisikhwele, iba nesikhwele ngomkayo: iyommisa owesifazane phambi kukaSimakade, umphristi enze kuye konke okubalulwa yilo mthetho. 31Indoda iyakukhululeka ebubini, kodwa owesifazane uyobuthwala ububi bakhe.’ ”
Currently Selected:
INumeri 5: ZUL20
Highlight
Share
Copy
Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in
Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.