YouVersion Logo
Search Icon

I-Eksodusi 13

13
Amazibulo Ehlukaniselwa USimakade Nomkhosi Wesinkwa Esingenamvubelo
1USimakade wakhuluma kuMose wathi: 2 “Ngihlukanisele wonke amazibulo; noma yiliphi izibulo elivule isibeletho kwabakwa-Israyeli, kubantu nezilwane, ngokuba lingelami.”
3 UMose wathi kubantu: “Lukhumbuleni lolu lusuku enaphuma ngalo eGibhithe endlini yobugqila, ngokuba uSimakade wanikhipha lapho ngesandla sakhe esinamandla; makungadliwa sinkwa esinemvubelo ngalo. 4Namuhla, niyaphuma ngenyanga u-Abibi. 5 Lapho uSimakade eseningenisa ezweni lamaKhanani, lamaHithi, lama-Amori, lamaHivi, nelamaJebusi, afunga ngalo koyihlomkhulu ukulinika nina, izwe elichichima ubisi noju, niyokuyigcina le nkonzo ngale nyanga. 6Izinsuku eziyisikhombisa niyakudla isinkwa esingenamvubelo, kuthi ngosuku lwesikhombisa kube nomkhosi kaSimakade. 7Isinkwa esingenamvubelo siyodliwa izinsuku eziyisikhombisa; akukho mvubelo eyotholakala phakathi kwenu, futhi akuyukutholakala mvubelo kuyo yonke indawo yenu. 8 Ngalolo lusuku uyoyitshela indodana yakho uthi: ‘Lokhu kungenxa yalokho uSimakade angenzela khona mhla ngiphuma eGibhithe.’ ”
9 “Kuyakuba kuwe wuphawu esandleni sakho, nesikhumbuzo esiphongweni sakho, ukuze umthetho kaSimakade uhlale ezindebeni zomlomo wakho , ngokuba ngesandla esinamandla uSimakade wakukhipha eGibhithe. 10 Lo mthetho uyakuwugcina ngesikhathi esifaneleyo minyaka yonke.”
11 “Lapho uSimakade esekungenisile ezweni lamaKhanani, wakunika lona, njengoba ayefungile kuwe nakoyihlomkhulu, 12 uyonikela ngawo wonke amazibulo kuSimakade, wonke amazibulo, amazibulo ezinkomo, nawo wonke amaduna ngakaSimakade. 13 Kepha wonke amazibulo ezimbongolo uyowahlenga ngemvu, uma ungalihlengi uyolephula intamo, kuthi wonke amazibulo abantu endlini yakho uwahlenge. 14 Kuyakuthi ngomuso lapho indodana yakho ikubuza, ithi: ‘Kuyini lokhu na?’ uyothi: ‘USimakade wasikhipha ngesandla esinamandla eGibhithe, indlu yobugqila. 15Ngesikhathi uFaro elukhuni engavumi ukusidedela, uSimakade wabulala wonke amazibulo eGibhithe, kusukela kwawabantu kuya kwawezilwane. Ngakho-ke ngihlabela uSimakade konke okungamaduna okuvule isibeletho, kodwa ngiyawahlenga wonke amazibulo angamadodana ami.’ 16 Lokhu kuyakuba wuphawu esandleni sakho, nesikhumbuzo esiphongweni sakho, ukuthi uSimakade wasikhipha ngesandla esinamandla eGibhithe.”
UNkulunkulu Usindisa U-Israyeli
17 Ngesikhathi uFaro ebakhulula abantu ukuba bahambe, uNkulunkulu akabavumelanga ukuba bahambe ngendlela yasezweni lamaFilisti, nakuba yayinqamulela, ngokuba uNkulunkulu wathi: “Funa abantu, uma benqwamana nempi, baguqule umqondo bese bebuyela eGibhithe.”
18 UNkulunkulu wenza ukuba abantu bahambe ngendlela ethathelayo yasehlane ebheke oLwandle Lomhlanga. Abantu bakwa-Israyeli baphuma eGibhithe bezilungiselele impi. 19 UMose wathatha amathambo kaJosefa, wahamba nawo, ngokuba wayebafungisile abantu bakwa-Israyeli, wathi: “Impela uNkulunkulu uyakunihambela ngokwempela, anikhulule, niyakuwathwala amathambo ami lapha.”
20 Basuka eSukhothi bakanisa e-Ethamu emngceleni wehlane. 21Emini uSimakade wayehamba phambi kwabo ngensika yefu ukubakhombisa indlela, kuthi ebusuku ahambe phambi kwabo ngensika yomlilo ukuze abakhanyisele, bahambe ubusuku nemini. 22Akayisusanga phambi kwabantu insika yefu emini nensika yomlilo ebusuku.

Currently Selected:

I-Eksodusi 13: ZUL20

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in