YouVersion Logo
Search Icon

I-Eksodusi 12

12
Umkhosi Wephasika
1USimakade wathi kuMose no-Aroni eGibhithe: 2 “Le nyanga iyakuba wuphawu kini lokuqala kwezinyanga; iyakuba yinyanga yokuqala yonyaka wenu. 3Yishoni kuyo yonke inhlangano yakwa-Israyeli nithi: ‘Ngomhla zilishumi kule nyanga bayothatha yilowo nalowo mndeni, kube yiwundlu umndeni ngamunye. 4Uma umndeni umncane kakhulu ukuba ungaqeda iwundlu, uyohlangana nomakhelwane ukuze uthole iwundlu; iwundlu liyakwehlukaniswa izingxenye ngokulingene abantu abayakulidla. 5 Iwundlu malingabi nasici, libe nonyaka, libe yiduna, ungalithatha ezimvini noma ezimbuzini. 6 Niyoligcina kuze kube lusuku lweshumi nane lwayo le nyanga, bese kuthi wonke umphakathi wakwa-Israyeli uhlabe amawundlu phakathi kwamabili. 7 Bayakuthatha ingxenye yegazi balibhece ezinsikeni zombili zomnyango, nasemakhothameni eminyango yezindlu abayakudlela kuzo. 8 Bayakulidla iwundlu ngalobo busuku; bayakulidla losiwe emlilweni nesinkwa esingenamvubelo nemifino ebabayo. 9 Ningakudli kuluhlaza noma kubiliswe ngamanzi, kodwa imilenze yalo, ikhanda, nezangaphakathi makosiwe emlilweni. 10 Makungasali lutho lwalo kuze kuse, okuyosala kuze kube sekuseni niyokushisa ngomlilo. 11 Niyakulidla kanje: izinkalo zenu ziboshiwe, nifake izimbadada ezinyaweni zenu, niphethe izindondolo zenu ngezandla, nilidle ngokuphangisa, liyiphasika likaSimakade.
12 “ ‘Ngokuba ngiyokwedlula eGibhithe ngalobo busuku, ngibulale wonke amazibulo eGibhithe, awabantu nawezilwane, ngibehlulele bonke onkulunkulu baseGibhithe: nginguSimakade. 13Igazi liyokuba wuphawu lwenu ezindlini lapho nihleli khona: uma ngibona igazi, ngiyokwedlula kini, ngeke ubhubhane lunibhubhise lapho ngishaya iGibhithe.
14 “ ‘Lolo lusuku luyakuba lusuku lwesikhumbuzo kini, futhi niyakulugubha lube wumkhosi kaSimakade. Zonke izizukulwane ziyakulugcina lube yisimiso saphakade. 15 Niyakudla isinkwa esingenamvubelo izinsuku eziyisikhombisa. Ngosuku lokuqala niyakukhipha imvubelo ezindlini zenu, ngokuba lowo oyokudla isinkwa esinemvubelo kusukela osukwini lokuqala kuze kube lusuku lwesikhombisa uyodingiswa kwa-Israyeli. 16 Ngosuku lokuqala niyoba nombuthano ongcwele, nangosuku lwesikhombisa. Aniyukusebenza ngalezo zinsuku; niyolungisa kuphela lokho okuyobe kuzodliwa ngabantu bonke. 17 Niyogubha umkhosi wesinkwa esingenamvubelo, ngokuba ngalolo lusuku ngakhipha amaviyo enu eGibhithe. Lolu lusuku niyolugubha lube ngumkhosi omisiweyo phakade izizukulwane ngezizukulwane. 18 Ngenyanga yokuqala, ngosuku lwe-14 kusihlwa niyokudla isinkwa esingenamvubelo kuze kube kusihlwa ngosuku lwama-21. 19 Ngezinsuku eziyisikhombisa akuyukutholakala mvubelo ezindlini zenu, ngokuba lowo oyokudla okunemvubelo uyonqunywa ebandleni lakwa-Israyeli, noma ngabe ngumfokazi noma ngumnsinsi wokuzimilela. 20Aniyukudla lutho olunemvubelo; kuzo zonke izindawo enihlala kuzo niyokudla isinkwa esingenamvubelo.’ ”
21 UMose wayesewabiza wonke amalunga akwa-Israyeli, wathi kuwo: “Hambani, nithathele imindeni yenu amawundlu, niwahlabele iphasika. 22 Niyothatha isixha sehisophi nisicwilise egazini elisemcengezini, bese nibheca izimpundu nezinsika zeminyango, makungaphumi muntu emnyango kuze kube ngakusasa. 23 Ngokuba uSimakade uzokwedlula ashaye iGibhithe, kuyothi lapho ebona igazi emakhothameni nasezinsikeni zeminyango, uSimakade awedlule lowo mnyango, angamvumeli umbhubhisi ukuba eze ezindlini zenu ukuba abhubhise. 24 Lesi simiso niyakusigcina sibe yisiko lenu nezizukulwane zenu nanini nanini. 25Lapho nifika ezweni uSimakade ayoninika lona njengoba eshilo, niyowugubha lo mkhosi. 26 Kuyothi lapho abantwana benu benibuza, bethi: ‘Kuchazani ukugujwa kwalo mkhosi na?’ 27 Niyothi: ‘Ngumhlatshelo wephasika likaSimakade, ngokuba wazedlula izindlu zabakwa-Israyeli eGibhithe, mzukwane ebulala abaseGibhithe, kodwa wazeqa izindlu zethu.’ ”
Abantu bakhothama badumisa.
28Abantu bakwa-Israyeli bahamba njengoba uSimakade ebayalile oMose no-Aroni.
Inhlupheko Yeshumi: Ukufa Kwamazibulo AseGibhithe
29 Phakathi kwamabili uSimakade wabhubhisa wonke amazibulo abaseGibhithe, kusukela ezibulweni likaFaro owayehleli esihlalweni sakhe sobukhosi ngaleso sikhathi, kuya ezibulweni lesiboshwa esisejele, nawo wonke amazibulo emfuyo. 30 UFaro wavuka ebusuku nezinceku zakhe nabo bonke abaseGibhithe, ngokuba kwakunesililo esikhulu eGibhithe kungekho muzi okwakungafanga muntu kuwo. 31 Wabiza uMose no-Aroni khona ebusuku, wathi kubo: “Vukani, niphume niphele kubantu bami, nina nabantu bakwa-Israyeli! Hambani niyokhonza uSimakade, njengalokho nishilo. 32 Thathani imihlambi, izimvu, izimbuzi, nezinkomo, njengoba nishilo nihambe. Nami ningicelele isibusiso.”
33 AbaseGibhithe bancenga abantu ukuba basheshe baphume ezweni, ngokuba bathi: “Thina sonke sizokufa.”
34 Abantu bathatha inhlama yabo ngaphambi kokuba ifakwe imbiliso, nemicengezi yokuxovela, bakugoqa ngezingubo zabo bakuthwala emahlombe. 35 Abantu bakwa-Israyeli benza njengoba uMose ayebatshelile; bacela kwabaseGibhithe ubucwebecwebe besiliva, igolide, nezimpahla zokugqoka. 36 USimakade wabenzela umusa emehlweni abaseGibhithe, babanika konke abakucelayo. Babaphundla kanjalo-ke abaseGibhithe.
U-Israyeli Uyaphuma EGibhithe
37 Abantu bakwa-Israyeli basuka eRamesesi baya eSukhothi. Kwakungamadoda abalelwa ezi-600 000 ayehamba ngezinyawo, ngaphandle kwezingane. 38 Ingxubevange yabantu yahamba nabo, imfuyo eningi kakhulu, imihlambi yezimbuzi, izimvu, nezinkomo. 39 Benza amaqebelengwane ngenhlama ababephume nayo eGibhithe; yayingenamvubelo ngokuba babexoshiwe eGibhithe bengasenakulinda, noma bagaye umphako.
40 Abakwa-Israyeli bahlala iminyaka engama-430 eGibhithe. 41 Ekupheleni konyaka wama-430, ngalo lolo lusuku, wonke amaviyo kaSimakade aphuma eGibhithe. 42 Kwakungubusuku bomlindo uSimakade abakhipha ngabo eGibhithe. Ngalobo busuku abakwa-Israyeli bayogcina umlindelo kaSimakade izizukulwane ngezizukulwane.
Isimiso Sephasika
43 USimakade wathi kuMose no-Aroni: “Nasi isimiso sephasika: akukho mfokazi okumele ukuba alidle, 44 kodwa noma yisiphi isigqila esithengwe ngesiliva singalidla emva kokuba sisokiwe; 45akukho sisebenzi esiqashiweyo esiyolidla.
46 “Liyodlelwa endlini eyodwa, aniyukukhiphela lutho oluyinyama yaleso silwane phandle, futhi aniyukwephula ngisho nelilodwa ithambo laso. 47 Lonke ibandla lakwa-Israyeli liyokwenza lokhu.
48“Uma umfokazi ohlala nani efuna ukuligubha iphasika likaSimakade, kufanele asokwe yena nabo bonke abesilisa, bese beyasondela baligubhe iphasika, njengoba bonke abantu bengabakhe. Kepha bonke abangasokile akumele balidle iphasika. 49 Umthetho oyakubekelwa abozalo nabafokazi abagogobele phakathi kwenu uyakufana.”
50Bonke abantu bakwa-Israyeli benza njengoba uSimakade ayebayalile ngoMose no-Aroni. 51 Ngalolo lusuku uSimakade wabakhipha abantu bakwa-Israyeli eGibhithe ngamaviyo abo.

Currently Selected:

I-Eksodusi 12: ZUL20

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in