“ ‘Ngokuba ngiyokwedlula eGibhithe ngalobo busuku, ngibulale wonke amazibulo eGibhithe, awabantu nawezilwane, ngibehlulele bonke onkulunkulu baseGibhithe: nginguSimakade. Igazi liyokuba wuphawu lwenu ezindlini lapho nihleli khona: uma ngibona igazi, ngiyokwedlula kini, ngeke ubhubhane lunibhubhise lapho ngishaya iGibhithe.