YouVersion Logo
Search Icon

1 KaPhethro 4

4
Ekuhluphekeni Amakholwa Mawabekezele, Akhuleke, Abonge UNkulunkulu
1 Njengalokhu uKhristu ahlupheka emzimbeni, hlomani nani ngokuqonda okunjalo, ngokuba ohlupheke emzimbeni uyayeka ukona, 2 ukuze ngalesi sikhathi esisasele nisesemzimbeni ningabe nisaphila ngezinkanuko zabantu, kodwa ngentando kaNkulunkulu. 3 Ngokuba isikhathi esedlule sasanele ukwenza okuthandwa ngabezizwe, ukuphila ngamanyala edlulele, ngezinkanuko, ngokudakwa, ngokuminza, ngokuxokozela nangokukhonza izithombe okuyichilo. 4 Bayamangala ukuthi anisahambisani nabo kulawo manyala edlulele, behlambalaza. 5 Kepha bayakuziphendulela kulowo olungele ukwehlulela abaphilayo nabafileyo. 6 Ngenxa yalokho-ke, ivangeli lashunyayelwa nakwabafileyo, ukuba bahlulelwe ngokwabantu emzimbeni, kodwa baphile ngokukaNkulunkulu emoyeni.
7 Kepha ukuphela kwezinto zonke sekusondele, ngakho zikhuzeni, nizithibe, ukuze nikhuleke. 8 Kunalokho yibani nokuthandana okungapheliyo, ngokuba uthando lusibekela inqwaba yezono. 9 Yamukelanani yilowo nalowo, ningabi nakukhononda. 10 Yilowo nalowo ngokwesipho asemukelisiwe, makakhonze abanye njengezinceku ezinhle zomusa kaNkulunkulu owehlukahlukene. 11 Uma umuntu ekhuluma, makakhulume ngokwamazwi avela kuNkulunkulu. Uma umuntu ekhonza, makakhonze njengokwamandla awanikwa nguNkulunkulu, ukuze uNkulunkulu adunyiswe kukho konke ngoJesu Khristu okukuye inkazimulo namandla kuze kube phakade naphakade. Amen.
Ukuhlupheka KomKhristu
12 Bathandekayo, ningamangali ngomlilo ophakathi kwenu, enifikelwa yiwo ukuba nilingwe ngokungathi nehlelwe yinto engaziwayo. 13 Kepha thokozani njengalokhu nihlanganyela ezinhluphekweni zikaKhristu, ukuze futhi nithokoze, nethabe nasekwambulweni kwenkazimulo yakhe. 14 Uma nithukwa ngenxa yegama likaKhristu, nibusisiwe, ngokuba uMoya wenkazimulo nokaNkulunkulu uhleli phezu kwenu. 15 Makungabi bikho namunye kini ohlupheka ngokuba engumbulali, noma eyisela, noma engowenza okubi, noma eyisigilamkhumba, noma engozigaxa ezindabeni zabanye. 16 Kepha uma ehlupheka ngokuba engumKhristu, makangabi namahloni, kodwa makadumise uNkulunkulu, ngenxa yalelo gama. 17 Manje sekuyisikhathi sokuba ukwehlulela kuqale endlini kaNkulunkulu, kepha uma kuqala kithi, siyakubanjani isiphetho salabo abangalilaleli ivangeli likaNkulunkulu na? 18 “Uma kunzima ukusindiswa kolungileyo, uyakubonakalaphi ongamesabi uNkulunkulu noyisoni na?”
19 Ngakho labo abahluphekayo ngokwentando kaNkulunkulu, mabanikele imiphefumulo yabo kuMdali owethembekileyo, baqhubeke benze okuhle.

Currently Selected:

1 KaPhethro 4: ZUL20

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy