YouVersion Logo
Search Icon

1 KaPhethro 3

3
Ukuphathana Kwabaganeneyo
1 Kanjalo bafazi, thobelani amadoda enu ukuze kuthi uma kukhona amadoda angalilaleli izwi, azuzeke ngenxa yokuziphatha kahle kwabafazi bawo, ngaphandle kwezwi; 2 kepha ngokubona inkambo yenu emsulwa, esekwesabeni. 3 Ukuhloba kwenu makungabi ngokungaphandle, okokwaluka izinwele, okokufaka igolide, noma okokugqoka izingubo ezikhangayo, 4 kepha makube ngumuntu osekusithekeni enhliziyweni, ohloba ngokungabhubhiyo komoya omnene onokuthula, okuyigugu phambi kukaNkulunkulu. 5 Ngokuba babekade bezihlobisa kanjalo abesifazane abakholwayo, labo abethemba uNkulunkulu, futhi bewathobela amadoda abo, 6 njengoSara owamlalela u-Abhrahama embiza ngokuthi inkosi. Nina-ke ningabantwana bakhe uma nje nenza okuhle, ningesabi lutho okwesabisayo. 7 Kanjalo nani madoda, hlalani nabafazi benu niqonda ukuthi owesifazane unjengesitsha esibuthakathaka; nibanike inhlonipho, lokhu beyizindlalifa zomusa wokuphila kanye nani, ukuze imikhuleko yenu ingathiywa.
Ukubekezela Ezinhluphekweni
8 Okokugcina yibani nhliziyonye nonke, nizwelane, nithandane ngokwabazalwane, nibe nobubele nokuthobeka. 9 Ningaphindisi okubi ngokubi, inhlamba ngenhlamba; kepha busisani, ngokuba nabizelwa lokho, ukuba nidle ifa lokubusiswa. 10Umbhalo uthi:
“Lowo othanda ukuphila
nokubona izinsuku ezinhle
makanqande ulimi lwakhe kokubi,
nezindebe zakhe zingakhulumi inkohliso.
11 Akugweme okubi, enze okuhle,
afune ukuthula, akuphokophelele,
12 ngokuba amehlo eNkosi aphezu kwabalungileyo,
izindlebe zayo ziyayizwa imikhuleko yabo,
kodwa ubuso beNkosi bumelene nabenza okubi.”
13 Pho ngubani onganilimaza uma nishisekela ukwenza okuhle na? 14 Kepha uma nihlupheka ngenxa yokulunga, nibusisiswe. Ningakwesabi ukwesabisa kwabo, futhi ningakhathazeki. 15 Kodwa mngcweliseni uKhristu njengeNkosi ezinhliziyweni zenu, nihlale nilindele ukubaphendula bonke abanibuza ngethemba eninalo. 16 Kepha kube ngobumnene nangokwesaba, ninonembeza omsulwa, ukuze kuthi kulokho abaninyembenya ngakho, bajabhiswe laba abahlambalaza ukuhamba kwenu okuhle kuKhristu. 17 Ngokuba kungcono ukuhlupheka ngokwenza okuhle, uma lokho kuyintando kaNkulunkulu, kunokuhlupheka ngokwenza okubi. 18 UKhristu wahlupheka kwaba kanye ngenxa yezono; olungileyo ehluphekela abangalungile, ukuze aniyise kuNkulunkulu; wabulawa emzimbeni, kodwa waphiliswa kuMoya. 19 Wahamba wayoshumayeza imiphefumulo eboshiweyo, 20 kulabo abangalalelanga lapho uNkulunkulu ebalindele ngokubekezela emihleni kaNowa, umkhumbi usakhiwa, okwasindiswa abayingcosana, abayisishiyagalombili ababekuwo, ngawo amanzi. 21 Lawo manzi angumfanekiso wombhabhadiso enisindiswa ngawo manje, okungesikho ukukhuculula insila emzimbeni, kodwa isithembiso kuNkulunkulu esivela kunembeza omsulwa, ngokuvuka kukaJesu Khristu, 22 othe esenyukele ezulwini, wahlala ngakwesokunene sikaNkulunkulu, esebekile phansi kwakhe izingelosi, ababusi neziphathimandla.

Currently Selected:

1 KaPhethro 3: ZUL20

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy