YouVersion Logo
Search Icon

UGenesise 17

17
Ukuthenjiswa kuka-Isaka
1U-Abrama eneminyaka engamashumi ayisishiyagalolunye nesishiyagalolunye uJehova wabonakala ku-Abrama, wathi kuye: “NginguNkulunkulu uSomandla; hamba phambi kwami ungenacala. 2Ngiyakwenza isivumelwano sami phakathi kwami nawe, ngikwandise kakhulu.”
3U-Abrama wayesewa ngobuso bakhe; uNkulunkulu wakhuluma naye, wathi: 4 “Bheka, ngokwami isivumelwano sami sikuwe; uyakuba nguyise wezizwe eziningi. 5 Igama lakho alisayikuthiwa u-Abrama, kepha igama lakho lizakuba ngu-Abrahama, ngokuba ngikwenzile uyise wezizwe eziningi. 6Ngiyakwandisa kakhulu inzalo yakho, ngikwenze isizwe, kuvele namakhosi kuwe. 7Ngiyakumisa isivumelwano sami phakathi kwami nawe, nenzalo yakho emva kwakho ezizukulwaneni zayo, sibe yisivumelwano esiphakade, ngibe nguNkulunkulu wakho nowenzalo yakho emva kwakho. 8Ngiyakunika wena nenzalo yakho emva kwakho izwe ohlala kulo ungumfokazi, izwe lonke laseKhanani, libe yifa laphakade, ngibe nguNkulunkulu wabo.”
Ukusoka
9Wayesethi uNkulunkulu ku-Abrahama: “Wena-ke usuyakusigcina isivumelwano sami kanye nenzalo yakho emva kwakho ezizukulwaneni zayo. 10 Yilesi isivumelwano sami phakathi kwami nawe nenzalo yakho emva kwakho eniyakusigcina ukuthi bayakusokwa bonke abesilisa bakini. 11Niyakusoka inyama yejwabu lenu, kube luphawu lwesivumelwano phakathi kwami nani. 12Onezinsuku eziyisishiyagalombili phakathi kwenu uyakusokwa, bonke abesilisa ezizukulwaneni zenu, lowo ozelwe endlini nalowo othengwe ngemali kowezizwe, ongesiye owenzalo yakho. 13Makasokwe ozelwe endlini yakho nothengwe ngemali yakho; isivumelwano sami siyakuba senyameni yenu, sibe yisivumelwano esiphakade. 14Owesilisa ongasokiwe, engasokwanga enyameni yejwabu lakhe, lowo muntu uyakunqunywa kubantu bakubo, ngokuba waphulile isivumelwano sami.”
15UNkulunkulu wathi ku-Abrahama: “USarayi umkakho awusayikumbiza ngegama lokuthi uSarayi, kepha igama lakhe alibe nguSara. 16 Ngiyakumbusisa, ngikunike indodana ngaye; yebo, ngiyakumbusisa abe yizizwe, kuvele kuye amakhosi abantu.”
17 U-Abrahama wayesewa ngobuso bakhe, wahleka, wathi enhliziyweni yakhe: “Oneminyaka eyikhulu uyakuzalelwa na? USara oneminyaka engamashumi ayisishiyagalolunye uyakuzala na?” 18Wathi u-Abrahama kuNkulunkulu: “Sengathi u-Ishmayeli angaphila phambi kwakho.”
19 UNkulunkulu wathi: “Qha, uSara umkakho uyakukuzalela indodana; uyakubiza igama layo ngokuthi u-Isaka; ngiyakusimisa isivumelwano sami naye, sibe yisivumelwano esiphakade nenzalo yakhe emva kwakhe. 20 Ngo-Ishmayeli lo ngikuzwile; bheka, ngiyakumbusisa, ngimuphe inzalo, ngimandise kakhulu impela, azale izikhulu eziyishumi nambili, ngimenze isizwe esikhulu. 21 Kepha ngiyakumisa isivumelwano sami no-Isaka azakukuzalela yena uSara ngalesi sikhathi ngomnyaka ozayo.” 22UNkulunkulu wayeseqeda ukukhuluma naye, wenyuka emshiya u-Abrahama.
Ukusokwa kwabantu baka-Abrahama
23U-Abrahama wathatha u-Ishmayeli indodana yakhe, nabo bonke ababezelwe endlini yakhe, nabo bonke ababethengwe ngemali yakhe, bonke abesilisa phakathi kwabantu bendlu ka-Abrahama, wasoka inyama yejwabu labo ngalona lolo suku, njengalokho uNkulunkulu emtshelile. 24U-Abrahama wayeneminyaka engamashumi ayisishiyagalolunye nesishiyagalolunye mhla esokwa enyameni yejwabu lakhe. 25U-Ishmayeli indodana yakhe wayeneminyaka eyishumi nantathu mhla esokwa enyameni yejwabu lakhe. 26U-Abrahama nendodana yakhe u-Ishmayeli basokwa ngalusuku lunye. 27Onke amadoda emzini wakhe ayezelwe endlini nayethengwe ngemali kowezizwe asokwa kanye naye.

Currently Selected:

UGenesise 17: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy