YouVersion Logo
Search Icon

UGenesise 16

16
OHagari no-Ishmayeli
1USarayi umka-Abrama wayengamzaleli mntwana; kepha wayenencekukazi yaseGibithe, igama layo linguHagari. 2USarayi wathi ku-Abrama: “Bheka-ke, uJehova ungivalile ekuzaleni; mawungene kuyo incekukazi yami; mhlawumbe ngizakwakhelwa ngayo.” U-Abrama walalela izwi likaSarayi. 3USarayi, umka-Abrama, wathatha uHagari waseGibithe, incekukazi yakhe, wamnika u-Abrama indoda yakhe abe ngumkakhe, u-Abrama esehlalile iminyaka eyishumi ezweni laseKhanani.
4Wangena kuHagari; wakhulelwa. Esebonile ukuthi ukhulelwe, inkosikazi yakhe yadeleleka emehlweni akhe. 5USarayi wathi ku-Abrama: “Okubi okwenziwe kimi akube phezu kwakho. Mina nganikela incekukazi yami esifubeni sakho; kepha nxa isibonile ukuthi ikhulelwe, ngase ngideleleka emehlweni ayo; uJehova makahlulele icala phakathi kwami nawe.”
6U-Abrama wathi kuSarayi: “Bheka, incekukazi yakho isesandleni sakho; yenza kuyo okufanele emehlweni akho.” USarayi wayilaya, yabaleka ebusweni bakhe.
7Ingelosi kaJehova yamfumana ngasemthonjeni wamanzi ehlane, umthombo osendleleni eya eShuri. 8Yathi: “Hagari, ncekukazi kaSarayi, uvelaphi na? Uyangaphi na?”
Wathi: “Ngibaleka ebusweni bukaSarayi inkosikazi yami.”
9Ingelosi kaJehova yathi kuye: “Buyela kuyo inkosikazi yakho, uzithobise phansi kwesandla sayo.” 10Ingelosi kaJehova yathi futhi kuye: “Ngiyakwandisa kakhulu inzalo yakho, ingabe isabalwa ngobuningi bayo.”
11Ingelosi kaJehova yathi kuye: “Bheka, usukhulelwe; uyakuzala indodana, uyiqambe igama lokuthi u-Ishmayeli,* ngokuba uJehova uzwile ukuhlupheka kwakho. 12 Uyakuba ngumuntu onjengembongolo engathanjisiwe, isandla sakhe simelane nabo bonke, nesandla sabo bonke simelane naye, ahlale ngasempumalanga kwabafowabo bonke.”
13Wamqamba uJehova owayekhulume kuye igama lokuthi: “Wena unguNkulunkulu Obonayo,” ngokuba wathi: “Imbala ngimbonile ongibonayo na?” 14Ngalokho umthombo wabizwa ngokuthi iBeri Lahayi Royi;* bheka, uphakathi kweKadeshi neBeredi.
15 UHagari wamzalela u-Abrama indodana; u-Abrama waqamba igama lendodana yakhe ayizalayo uHagari ngokuthi u-Ishmayeli. 16U-Abrama wayeneminyaka engamashumi ayisishiyagalombili nesithupha mhla uHagari emzalela u-Abrama u-Ishmayeli.

Currently Selected:

UGenesise 16: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy