YouVersion Logo
Search Icon

UDuteronomi 24

24
Incwadi yesahlukaniso. Indoda ephinda iganwe
1 “Lapho umuntu ethatha umfazi, aganwe nguye, engasathandeki emehlweni akhe kodwa, lokhu efumanisile kuye okuthile okwenyanyekayo, uyakumlobela incwadi yesahlukaniso, amnike yona esandleni sakhe, amkhiphe endlini yakhe. 2Nxa esephumile endlini yakhe, angahamba abe ngowomunye umuntu. 3Uma indoda yesibili imala, imlobele incwadi yesahlukaniso, imnike yona esandleni sakhe, imkhiphe endlini yayo, noma le ndoda yesibili eyayimthathe abe ngumkayo ifa, 4indoda yakhe yokuqala eyamxoshayo mayingabuyi imthathe abe ngumkayo emva kokuba esoniwe, ngokuba lokho kuyisinengiso phambi kukaJehova; awuyikwenza ukuba izwe uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona libe yifa lakho lonakale.
5 “Nxa umuntu ethatha umfazi omusha, akayikuphuma impi, anganikwa futhi umsebenzi noma yimuphi; uyakuhlala ekhululekile ekhaya umnyaka, athokozise umkakhe amthathileyo.
Izibambiso
6“Akuyikubakho muntu oyakuthatha itshe lokugaya noma imbokodwe kube yisibambiso, ngokuba yena uthatha konke okuphilwa ngakho kube yisibambiso.
Ukweba abantu; uchoko; ukutsheleka; nokunye
7 “Uma umuntu efunyanwa eba omunye wabafowabo babantwana bakwa-Israyeli, amphathe njengesigqila, noma athengise ngaye, lelo sela liyakufa, ukhiphe kanjalo ububi phakathi kwakho.
8 “Xwaya esifweni sochoko ukuba uqaphelisise, wenze njengakho konke abapristi bamaLevi abayakukufundisa khona; njengokubayala kwami anoqaphela ukwenze njalo. 9 Khumbula akwenzayo uJehova uNkulunkulu wakho kuMiriyamu endleleni ekuphumeni kwenu eGibithe.
10“Nxa utsheleka umakhelwane wakho utho, awuyikungena endlini yakhe ukulanda isibambiso sakhe. 11Uyakuma ngaphandle, umuntu omtshelekayo uyakukukhiphela isibambiso phandle. 12Uma engumuntu ompofu, ungalali nalokhu okuyisibambiso sakhe, 13 kepha uyakukubuyisela nokukubuyisela kuye ukushona kwelanga ukuba alale ngengubo yakhe, akubusise; lokho kuyakuba kuwe ukulunga phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho.
14 “Awuyikucindezela inceku eqashiweyo empofu neswelayo, noma ingowabafowenu noma ingowabafokazi abasezweni lakini phakathi kwamasango akho; 15 uyakuyinika inkokhelo yayo ngosuku lwayo, ilanga lingakashoni phezu kwayo, ngokuba impofu, ibeka inhliziyo yayo kuyo, funa ikhale ngawe kuJehova, kube yisono kuwe.
16 “Oyise abayikubulawa ngenxa yabantwana, nabantwana abayikubulawa ngenxa yawoyise; yilowo nalowo uyakubulawa ngesakhe isono.
17 “Awuyikuphendukezela ukwahlulelwa komfokazi noma okwentandane, ungathathi ingubo yomfelokazi ibe yisibambiso, 18 kepha ukhumbule ukuthi wawuyisigqila eGibithe nokuthi uJehova uNkulunkulu wakho wakuhlenga khona; ngalokho ngiyakuyala ukwenza le nto.
19 “Nxa uvuna isivuno sakho ensimini, ukhohliwe isithungu ensimini yakho, ungabuyeli ukusilanda, kepha asibe ngesomfokazi, nesentandane, nesomfelokazi ukuba uJehova uNkulunkulu wakho akubusise emsebenzini wonke wezandla zakho. 20Lapho uvuthuza umnqumo wakho, awuyikubukeza amagatsha, kepha akube ngokomfokazi, nokwentandane, nokomfelokazi. 21Nxa ubutha okwesivini sakho, awuyikukhothoza ngasemuva, kepha akube ngokomfokazi, nokwentandane, nokomfelokazi. 22Wokhumbula ukuthi wawuyisigqila ezweni laseGibithe; ngalokho ngiyakuyala ukwenza le nto.

Currently Selected:

UDuteronomi 24: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in