YouVersion Logo
Search Icon

UDuteronomi 25

25
Imithetho yokujeziswa enkantolo; ubumnene kuzo izilwane ezisebenzayo
1 “Uma kukhona ukuxabana phakathi kwabantu, baye ukwahlulelwa, kuthethwe icala labo, bayakuyekela olungileyo, balahle onecala, 2kuze kuthi uma onecala efanele ukushaywa, umahluleli amenze alale phansi, ashaywe phambi kwakhe, ubuningi bemivimbo bube njengokwecala lakhe. 3 Angamshaya imivimbo engamashumi amane, angadluli, funa uma ebeyakudlula, amshaye imivimbo eminingi phezu kwaleyo, kuze kuthi umfowenu ahlazwe emehlweni akho.
4 “Ungayifaki inkabi isifonyo, nxa ibhula.
Umthetho wokungena
5 “Uma abazalwane behlala ndawonye omunye wabo afe engenandodana, umfazi wofileyo akayikugana umfokazi ongaphandle; kepha umfowabo wendoda yakhe uyakungena kuye, amthathe abe ngumkakhe, amngene. 6Kuyakuthi izibulo alizalayo lilandele egameni lomfowabo ofileyo ukuba igama lakhe lingesulwa kwa-Israyeli.
7“Uma umuntu engathandi ukumthatha umkamfowabo, umkamfowabo uyakukhuphukela kumalunga esangweni, athi: ‘Umfowabo wendoda yami uyala ukuvusela umfowabo igama kwa-Israyeli; akathandi ukungingena.’ 8Amalunga omuzi wakhe ayakumbiza, akhulume naye; uma emi eqinisa ngokuthi: ‘Angithandi ukumthatha,’ 9umkamfowabo uyakufika kuye phambi kwamalunga, akhumule isicathulo onyaweni lwakhe, amkhafulele ebusweni bakhe, aphendule athi: ‘Kuyakwenziwa kanjalo kumuntu ongayakhi indlu yomfowabo.’ 10Igama lakhe liyakuthiwa kwa-Israyeli ‘Indlu yosicathulo sakhe sikhunyuliwe’.
11“Nxa amadoda amabili elwa, umfazi wenye abesesondela ukuyophula indoda yakhe esandleni saleyo eyishayayo, aselule isandla sakhe, ayibambe ngomphambili, 12womnquma isandla, iso lakho lingabi namhawu.
Izisindo nezilinganiso ezilungileyo
13 “Makungabikho esikhwameni sakho izisindo ezahlukeneyo, esikhulu nesincane. 14Makungabikho endlini yakho izilinganiso ezahlukeneyo, esikhulu nesincane. 15Woba nesisindo esipheleleyo nesilungileyo, futhi ube nesilinganiso esipheleleyo nesilungileyo ukuba izinsuku zakho zibe zinde ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona. 16 Ngokuba bonke abenza kanjalo, bonke abenza ukungalungi, bayisinengiso kuJehova uNkulunkulu wakho.
Icala lama-Amaleki
17 “Khumbula akwenzayo kuwe u-Amaleki endleleni ekuphumeni kwenu eGibithe 18ukuthi wakuhlangabeza endleleni, washaya abasemva kwakho, bonke ababebuthakathaka emva kwakho, lapho usukhathele, uphelile amandla; kamesabanga uJehova. 19 Kuyakuthi lapho uJehova uNkulunkulu wakho esekuphumuzile kuzo zonke izitha zakho nxazonke ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona libe yifa lakho ukuba ulidle, wesule inkumbulo ka-Amaleki phansi kwezulu; awuyikukhohlwa lokho.

Currently Selected:

UDuteronomi 25: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in