Oswald Chambers: Ithemba - Isithembiso Esingcwele Isampula

Oswald Chambers: Hope - A Holy Promise

USUKU 15 KWEZINGU- 30

Uma amathemba akho edumazeka manje kusho ukuthi ayahlanjululwa. Ayikho into enhle ingqondo yomuntu eyake yayithemba noma yayiphupha engeke igcwaliseke. Ungagxumeli eziphethweni ngokushesha; izinto eziningi azikaxazululeki, futhi uvivinyo olukhulu kunalo lonke ukuthi uNkulunkulu ubukeka sengathi akanandaba nhlobo. Hlala uqinile ngokomoya.

Ebhayibhelini awutholi nothi lomuntu ongenathemba. Phakathi kwezimo ezicindezela kakhulu kuhlale kunethemba elingavamile kanye nenjabulo ejulile, ngoba uNkulunkulu usenhliziyweni. Ukusebenza ngempumelelo kokuHlengwa ekuhambe kwethu kusenza sigxume ngenjabulo phakathi kwezinto lapho abanye abantu bengaboni lutho ngaphandle kwezimo eziyinhlekelele.

Imibuzo Yokuzindla: Yiziphi iziphetho eziyiphutha ngoNkulunkulu ezingenza ngilahlekelwe ithemba? Yiziphi izimo ezingenza ngicabange ngoNkulunkulu njengongenandaba? Kungani ithemba lokuHlengwa lidinga ukuthi sidlule ezimeni ezinzima?

Izingcaphuno ezithathwe ku-God’s Workmanship and The Highest Good, © Discovery House Publishers
Usuku 14Usuku 16

Mayelana naloluHlelo

Oswald Chambers: Hope - A Holy Promise

Ithemba: Isithembiso Esingcwele siyingcebo ekhuthazayo yezingcaphuno ezivela emisebenzini ka-Oswald Chambers, umbhali wezokuzinikela othandwa kakhulu emhlabeni nombhali wencwadi ethi My Utmost for His Highest. U-Chambers uzokukhuthaza futhi akuphonsele inselelo ngokuhlakanipha kwakhe okulula nokuqondile kweBhayibheli.

More

We would like to thank Discovery House Publishers for providing this plan. For more information, please visit: www.utmost.org