Uhambo Oluya EmkhonjeniIsampula

Journey To The Manger

USUKU 25 KWEZINGU- 70

UJesu Usiza Izimpilo

Ngobusuku uJesu azalwa ngabo, abelusi baba ofakazi Bakhe bokuqala. Cabanga ukuthi izindaba zasakazeka kanjani zisuka komunye ziye komunye. IBhetlehema laligcwele izihambi ezikhathele, futhi kwakungaba nzima ukunganaki ukumangala nenjabulo yabelusi.

Kusukela ekuzalweni kwakhe kuze kufike ekukhuphukeni Kwakhe, uJesu waguqula izimpilo zabo bonke abamzwayo. Ngoba uthando Lwakhe luguqula lokho olukuthintayo, Usenomthelela emhlabeni wethu. Futhi ngathi thina esiguqulwe ngothando Lwakhe, uyaqhubeka nokufinyelela kwabalahlekile ngomyalezo Wakhe wempilo entsha. Njengabelusi ngalo Khisimusi wokuqala, siyizithunywa Zakhe.

Luthini udaba lwakho lokuthi uJesu wayiguqula kanjani impilo yakho? Yisiphi isipho esikhulu ongasipha ukwedlula ukwaba uthando Lwakhe kulabo abalimele noma abadukile?

Namuhla, gubha ukuzalwa Kwakhe — nezindlela zonke Akukhombise ngazo uthando Lwakhe olungenamibandela. Bese uhamba utshele abanye ukuthi nabo, bathandwa nguYe ngokuphelele.

Ongakwenza: Yabelana ngezindaba ezinhle zenjabulo enkulu! Tshela othile ngoJesu nokuthi Wenzeni empilweni yakho.

Chifiza lapha ukufunda kabanzi ngokusondela kuBaba nokujulisa ubudlelwano bakho Naye.

Usuku 24Usuku 26

Mayelana naloluHlelo

Journey To The Manger

Ngobusuku obuthule eminyakeni ewu-2000 eyedlule, izingelosi zaletha izindaba zokuzalwa koMsindisi eqenjini labelusi ababeluse imihlambi yabo. Futhi ngemuva kokuzwa lezi zindaba, labo belusi bashiya konke ukufuna umntwana emkhombeni eBetlehema. Yonke le minyaka kamuva, isimemo asikashintshi. Joyina uDkt. Charles Stanley njengoba ekusiza ukuba usondele kuMsindisi futhi ekukhuthaza ukuthi wenze isikhathi sokuphumula othandweni lukaBaba kule sizini

More

Sithanda ukubonga iTouch Ministries ngokusinikeza loluhlelo. Ngeminye imininingwane, sicela uvakashele: https://intouch.cc/yv18