Kungani Ngimdinga uJesu?Isampula
Ujesu wafela izono zomhlaba wonke. Kunzima ukucabanga ukuthi kungani umuntu engafuna ukuthatha isijeziso ngento angayenzanga. Kodwa kuthiwani uma leso sijeziso bekuwukufa? NguJesu kuphela ongasenzela lokho ngoba nguye yedwa ongakaze one ngisho nakanye. Lapho siziphatha kabi futhi singamlaleli uNkulunkulu, singase sizibuze ukuthi kungenzeka kanjani ukuthi uNkulunkulu asithande. Kodwa uNkulunkulu akazange athumele uJesu ukuba azokufa esikhundleni sethu ngoba sasikufanele. Cha. Kungenxa yothando Lwakhe olukhulu ngathi. Wayazi ukuthi uJesu wayeyoza emhlabeni njengomntwana kusukela kudala ngaphambi kokuba u-Adamu no-Eva bone. Wakwazi ungakazalwa, nawe! Wayazi konke owawuzokwenza futhi wakhetha ukuthumela iNdodana yakhe uJesu ukuthi izokufela. Weza ukuzosindisa abantu okungenzeka babonakale bebabi kakhulu ukuba uJesu angabasiza. Ungakhuluma noNkulunkulu umcele ukuthi akuthethelele futhi umcele ukuthi akusize nawe uzixolele.
UmBhalo
Mayelana naloluHlelo
Loluhlelo, ukuze imindeni ikwazi ukuhlanganyela ndawonye, lethula izingane endabeni yeBhayibheli futhi libasize babone isidingo sabo soMsindisi. Unkulunkulu wayenesu lokuthumela uJesu kusukela ekuqaleni. Usuku ngalunye luhlanganisa amavidiyo, izinkulumo ezimfishane, nevesi leBhayibheli lansuku zonke ongalibamba ngekhanda.
More