Yilwa Imfundiso yamadodaIsampula

Fight Devotional For Men

USUKU 11 KWEZINGU- 11

Khetha Ukulwa

Kwenzeka kanjani ukuthi indoda enamandla angaka ewanikwe uNkulunkulu igcine isendaweni embi kangaka? Njengoba sibonile ezinsukwini ezimbalwa ezedlule, akazange akwenze konke ngesikhathi esisodwa. Wakwenza:
Esisodwa. Isinyathelo. Ngasikhath. Sinye.

Endabeni kaSamsoni, kubonakala sengathi wayelokhu ethatha izinyathelo ezintathu kude noNkulunkulu, futhi isinyathelo esisodwa nje ebuyela kuYe.

Kuthiwani ngawe? Usuke kuphi kuNkulunkulu? Ngempela zinike isikhathi sokucabanga ngalokhu. Bheka isikhathi eside, kanzima kuzo zonke izindawo ezahlukene zempilo yakho. Ingabe uqine ngokwanele ukuba uthembeke ngokweqiniso kuwe?

Ingabe uhlamuke noma ngayiphi indlela kuNkulunkulu? Ukusiphi isinyathelo? Isinyathelo sokuqala? Noma inombolo yesinyathelo 56,249? Endaweni ethile phakathi? Kungakhathaleki ukuthi zingaki izinyathelo osuvele uzithathile, nginesixazululo esilula nesijulile kuwe. Usukulungele?

Jika.

Yilokho-ke. Jikeleza. Hamba ngenye indlela! Akukephuzi kakhulu. Ngempela kulula kanjalo. Yilwa nomfutho wokuya esonweni, bese uqala ukuya kwelinye icala. Uma uphenduka, qagela ukuthi ubani ozobe elapho ekulindile? Unkulunkulu wakho. Futhi Ulungele ukukuqeqesha, ukulwa nawe. Lapho ulwela injongo kaNkulunkulu akunike yona, awulokothi ulwe ngaphandle kwamandla akhe.

Isikhathi sokukhetha ukulwa. Iyiphi impi obhekene nayo? Yisho igama.

Khipha inhliziyo yeqhawe elingaphakathi kuwe. Yilwa. Uma ukuKristu, ungaphezu komnqobi. Indlela onqoba ngayo isitha sakho kungegazi leWundlu (uKristu) nangezwi lobufakazi bakho. Qala ukushintsha indaba yakho. Kwenze ngaye. Amandla ethu akuwona awethu; akuye.

Unenhliziyo yeqhawe. Uma ukhetha: Akukho okungakuphazamisa. Abantu abakwazi ukukudumaza. Abagxeki abakwazi ukukuphazamisa. Amademoni awakwazi ukukuvimba.

Uyindoda. Unkulunkulu ukunike isizathu sokukukhuthaza. Sihloniphe. Unkulunkulu ukunikile izikhali zokusilwela. Bhekana nokwesaba kwakho. Khuluma iqiniso. Yilwa, futhi ulwe ukuze uwine. Usulungile. Unayo imvume, futhi awuwedwa. Isikhathi sokuyeka ukuhamba ngokungaboni empilweni yakho, uwele ezingibeni zesitha sakho.

Jika. Jika ulwele impilo yakho.

Izinyathelo Ezilandelayo Ezinconyiwe: Ungami lapha. Qala lapha. Bhalisela uhlelo olusha lweBhayibheli. Joyina iqembu elincane. Buza uNkulunkulu ukuthi yini ayifunela umndeni wakho. Thatha umkakho usukume futhi wabelane naye ngalowo mbono. Bese uhola indlela.

Usuku 10

Mayelana naloluHlelo

Fight Devotional For Men

UMbhali owuMfundisi uCraig Groeschel usiza amadoda ukuba ambulekelwe ukuthi empeleni wona angobani —indoda eyiqhawe elinamandla. Lolu hlelo lwezinsuku ezingu-11 lubheka ukuphila kukaSamsoni—indoda enamandla kodwa ebuye ibe nobuthakathaka obusobala. Kulwele lokhu uNkulunkulu akwenze waba yikho. Ungalwi njengendoda ejwayelekile. Yilwa njengendoda kaNkulunkulu.

More

Sithanda ukubonga uPastor Craig Groeschel ne-Life.Church ngokusinikeza lolu hlelo. Ngemininingwane eminye, sicela uvakashele: http://craiggroeschel.com/