Wonke Umuntu Ufuna Ukunqoba Kodwa Akekho Ofuna UkulindaIsampula
Ukuthola Intando KaNkulunkulu Ngempilo Yakho
Njengomfundisi, umbuzo ojwayele kakhulu abantu abangibuza wona uthi, “Ngingathola kanjani ukuthi iyini intando kaNkulunkulu ngempilo yami?”
Nazi izinyathelo ezine zokukusiza ukuthi uyithole:
- Yakha isifiso esishisekayo ngoNkulunkulu nalokho okubaluleke kakhulu Kuye
Kumele sazi inhliziyo kaNkulunkulu ukuze izifiso zezinhliziyo zethu zihambisane nezakhe. Ngihlale ngithandazela ukuthi uNkulunkulu angifake ugqozi lokuba nemicabango nezifiso ezimjabulisayo. - Chitha isikhathi uthandaza nokufunda iZwi likaNkulunkulu
Kuyokusiza ukuba ulazi izwi Lakhe. Umthandazo wami wansuku zonke uzwakala kanje: “Nkosi, ngisize ngizwe izwi lakho futhi ngibone ukuthi nguwe, ukuze ngizokwenza okuthandayo.” - Naka izipho zakho zemvelo namakhono
Gxila kulokho okwaziyo kahle. UNkulunkulu ukunika izipho ngokwezinhlelo Zakhe ngempilo yakho. Thepha kulokho uNkulunkulu akubeke ngaphakathi kuwe ukuze usize ekwakheni umbuso Wakhe. Lokho kuyintando kaNkulunkulu ngempilo yakho. - Funa iseluleko kubantu abavuthiwe ngokomoya
UNkulunkulu ubeka abantu ezimpilweni zethu ukuze asisize. Zimisele ukufundiswa. Iseluleko sikaNkulunkulu siyokusondeza ekutholakaleni kwentando kaNkulunkulu ephelele ngempilo yakho.
Labo abafuna ukwazi intando kaNkulunkulu ngempilo yabo banesifiso sokujabulisa uNkulunkulu. Kungani umuntu engafuna ukwazi intando kaNkulunkulu ngempilo yakhe uma engenanhloso yokufeza icebo Lakhe? Kuyisifiso esihle ukufuna ukwazi intando kaNkulunkulu ngawe.
UmBhalo
Mayelana naloluHlelo
Ngalokhu kufunda kwansuku zonke okuphelele, funda ukuthi ungalinda kanjani isikhathi sikaNkulunkulu kuzo zonke izici zokuphila, kusukela ekuphulukiseni kuya ebudlelwaneni. Thola ukuthi ungasisebenzisa kanjani ngokugcwele isikhathi sokulinda futhi uthandaze ngokwentando kaNkulunkulu. Lokhu kuzinikela kusekelwe kokuthi Wonke Umuntu Ufuna Ukunqoba, Kodwa Akekho Ofuna Ukulinda ebhalwe ngu-Marcus Gill.
More