Izimpi Abesifazane Ababhekana NazoIsampula
Izimpi Abesifazane Ababhekana Nazo: Ubuntu siqu
Owesifazane osekhulile wakhuphuka waya ekhawuntini yekhemisi wakhuluma ngomoya ophansi nomabhalane wethu, “Ungangisiza?…Ngicela OMUNYE...Ohlobo lalomunye lungcolile.”
Benginguyena-‘OMUNYE’ abekhuluma ngaye, ngime buqamama ngemuva kwekhawunta.
Ngaphandle kokubizwa ngamagama athile yibhuli yasesikoleni, lokhu kwakuyisipiliyoni sami sokuqala sangempela sokucwasa ngokwebala. Sekuyiminyaka engaphezu kweshumi kwenzeka lesi sigameko, kodwa ngisakhumbula ukuthi sangenza ngazizwa kanjani. Inhliziyo yami yagijima. Izwi lami laliqhaqhazela. Amazwi akhe ahlaba.
Kodwa ngangazi ukuthi ngingubani. Futhi ngangingangcolile. Ayikho ingxenye yami eyakholwa noma eyawamukela lawo manga. Ngangazi ukuthi ngingubani (futhi ngisenguye) kuKristu.
Ngiyigugu. Ngingcwele. NgingowaKhe.
Kungiphatha kabi uma ngicabanga ukuthi abantu abaningi abayigugu abakuqondi ukubaluleka kwabo. Baye bakholelwa amanga esitha akhulunywa ngezindebe zomzali, umngane womshado, umuntu osebenza naye, abamaziyo noma ongamazi.
UJohane isahluko 4 ulandisa ngendaba yowesifazane owayelwazi udosi lokucwasa ngokwebala nobandlululo emphakathini. Wayengowesifazane ongumSamariya futhi wadivosa izikhathi ezinhlanu. Ngalezo zinsuku, zombili izihloko zazimemeza zingasho lutho.
Kodwa ngiyayithanda indlela uJesu asebenza ngayo nokuthi uqondise kubani. Kwakukulo wesifazane ongabalulekile, nokhishwa inyumbazane, uJesu wakhetha ukugxilisa ithemba futhi azembule. “Ukube benazi ukuthi isipho uNkulunkulu anaso ngani….mina nginguMesiya.”
Ukuhlangana okukodwa noKristu kanye nokungabaluleki kwalo wesifazane kwangcwatshwa futhi kwazalwa ubuyena obusha.
Mhlawumbe ukholwe amanga esitha. Umzali okufanele ngabe ukuqinisekisile, akazange. Umyeni owathembisa ukukuhlonipha, waqamba amanga.
Noma ngabe yisiphi isimo sakho, ungavumeli izwi lesitha ukuthi lingene eMoyeni wakho likubhidlize. Kunalokho, vumela amazwi kaMesiya wethu angene ngaphakathi emphefumulweni wakho futhi akunike ithemba, “Ngokuba uma ubusazi isipho uNkulunkulu (anaso) ngawe.”
Okubaluleke kakhulu, ngithandazela ukuthi amazwi kaMesiya wethu anikhumbuze ngobuntu bakho beqiniso.
Uyigugu. Ungcwele. UngowaKhe.*
(*Izingoma eziphuma ku-Beautiful by MercyMe)
UmBhalo
Mayelana naloluHlelo
Kule nkonzo yezinsuku ezingu-7, thola ukuthi ungahlomela kanjani izimpi esibhekana nazo nsuku zonke. Uchungechunge oluthi-Izimpi Abesifazane Ababhekana Nazo luzohlanganisa izihloko ukusuka emingceleni kuya ekukhathazekeni futhi lunikeze amaqiniso eBhayibheli kanye nezinhlelo zokusebenza ezisebenzayo ukukusiza uhambe ekunqobeni.
More