Ingabe uNkulunkulu Uyakukhathalela UkucwasaIsampula

Does God Care About Discrimination

USUKU 2 KWEZINGU- 3

INGABE UNKULUNKULU UYAKHETHA?

Kulula ukudukiswa futhi sicabange ukuthi uNkulunkulu weTestamente Elidala wayehlukile kuKristu weTestamente Elisha. Ingabe uNkulunkulu wazivumela izenzo zokucwasa nokuhlukumeza eTestamenteni Elidala? Akukuza kubenjalo.

Incwadi kaLevitikusi yabekela amaJuda imithetho yawo yokuphila okungcwele. Uma ubukela kude nje kungase kubonakale sengathi uNkulunkulu wayebandlulula Yena ngokwakhe lapho esho ukukhetha Kwakhe kukho konke owesilisa, yonke into ehlanzekile nayo yonke into engenasici. Okufanele sikuqonde lapha ukuthi uNkulunkulu wayezama ukusungula ukuqonda ukuthi ungubani ezinhliziyweni nasezingqondweni zalaba bantu. Imihlatshelo yabo kwakufanele ‘iphelele’ futhi ingabi nasici ngoba uNkulunkulu uNgcwele futhi uphelele. Imihlatshelo yabo kwadingeka balahle okuthile ababekubheka njengenani eliphakeme kakhulu.

Kodwa inhliziyo kaNkulunkulu kwabaphansi, abangaphelele, ababuthakathaka, nabangelutho ikhonjiswa kulo lonke iTestamente Elidala. Sibona uNkulunkulu ehlonipha amadoda nabesifazane ababenesici futhi bengengcwele. Kungenzeka ukuthi uMose wacwaswa ngenxa yokungingiza kwakhe. UNkulunkulu watshela uSamuweli mayelana no-Eliyabe ukuthi angabheki ukuphelela Kwakhe futhi acabange ukuthi uNkulunkulu wayemkhethile ukuba abe yinkosi. Lokho uNkulunkulu akufunayo ngaso sonke isikhathi inhliziyo ezinikele ngokugcwele Kuye. Wakhumbula uDavide osemncane owayengabonwa muntu kodwa elusa izimvu engaboni muntu.

Ngamanye amazwi, lo Nkulunkulu Ongcwele wayelindele ukuthi abantu Bakhe babe ngcwele kodwa hhayi ngaphandle kokuzibona ukungakwazi ukuba ngcwele ngokwabo. Umthetho weTestamente Elidala wawuyisithunzi nje salokho okuzayo. Okuwukuphela kokucwasa okuvunyelwe ngokweBhayibheli phakathi kwalokhu okungcwele nalokho okungenjalo. Okufanele sikukhumbule futhi ukuthi uNkulunkulu uyasizonda isono kodwa uthanda isoni. Uyakuzonda ukwenza okubi kodwa uyabathanda abantu. Kuyena sonke sibalulekile ngoba sonke senziwe ngomfanekiso wakhe - abacebile noma abampofu, owesilisa noma owesifazane, umJuda noma umGreki, isigqila noma okhululekile. Kungakhathaliseki ukuthi ukuphila kwethu kube yini noma isimo sethu emphakathini, uNkulunkulu usibheka njengabantwana Bakhe.

Namuhla sibona kuningi ukucwasa nokuphathwa okukhethekile ngisho nangaphakathi emzimbeni kaKristu. Ukucwasa ngokwebala, ukubandlulula ibala lesikhumba kanye nokuphatha abacebile ngokukhethekile kuyisinengiso kuJehova. Akungabazeki ukuthi uJehova ulindele ukuba ibandla laKhe libe ngcwele njengoba naye eNgcwele. Kodwa ubungcwele abulindeleyo bungaphezu kobungcwele obungokwesiko obuyizenzo zangaphandle nje. Ukulunga kwethu kufanele kudlule okwabafundisi bomthetho. Kufanele sifunde ukubheka abantu ngendlela uNkulunkulu ababheka ngayo. Kufanele sifunde ukuphatha abantu ngendlela uNkulunkulu angathanda sibaphathe ngayo.

UJesu wamthinta umuntu onochoko. Wazihlanganisa nabampofu. Wadla nezoni nabathelisi. Wavumela owesifazane oyisoni ukuba agcobe izinyawo Zakhe ngezinwele zakhe. UJesu welapha okungaphezu nje kokugula okungokomzimba. Welapha izinhliziyo ezaphukile - izinhliziyo ezazihlukumezekile ngenxa yamazwi abuhlungu, ukuhlukunyezwa ngokomzimba kanye nokucwaswa emphakathini.
Usuku 1Usuku 3

Mayelana naloluHlelo

Does God Care About Discrimination

Uhlelo luthemba ukugqamisa inhliziyo kaNkulunkulu kwabanyathelwe phansi, abampofu, izisulu zokuhlukunyezwa nokucwaswa. Ucwaningo luthemba ukubekela abantu inselelo yokuthi bayeke ukucwasa ngendlela enesithunzi futhi babone izimo zengqondo nemikhuba ecindezelayo futhi babe negalelo ekubuyiseleni isithunzi sabantu esisinikezwe uNkulunkulu.

More

Sithanda ukubonga i Power House Church ngokusinikeza loluhlelo. Ngemininingwane eminye, sicela uvakashele: http://powerhousechurch.org.tv