Akukho Okufanele UkufakazeleIsampula
Konke Kungenxa Yakhe
Ukuhlangana noJesu onyakeni odlule kuye kwangakhela le ndlela entsha, le ndlela entsha yokumazi kangcono nokuphila emandleni Akhe nomusa ochichimayo kanye nokuvumela uMoya ukuthi usebenze ngami esikhundleni sokuzilwela.
Kodwa le ndlela entsha empeleni ibuyela ezintweni ezindala. Sibuyela emuseni olula, ovamile wokuthi kusho ukuthini ukuhamba noJesu.
Ngithole le ndlela empilweni kaJesu, engangingakaze ngiyibone ngaphambili.
Uthi: Mina ngiyisinkwa sokuphila.
UyiSinkwa sokuPhila. Thina asiyiso.
Uthi: Mina ngingukukhanya kwezwe.
UngukuKhanya. Thina asiyikho.
Uthi mina ngiyindlela, iqiniso.
Thina asiyilo.
Wanele. Asinjalo.
Ngike ngaphila ngokoma kakhulu ngoba bengicabanga ukuthi ngiyazi ukuthi amanzi akuphi. Ngangikholelwa ukuthi kwakungaphesheya kwalowo mugqa omnyama owawulokhu uhamba wamathemba owangincenga ukuba ngiweqe, futhi ukuze ngifike lapho kwakuzodingeka ngiqoqe izinsiza ezidingekayo ngaphakathi kimi. Ngangizama ukuba yisinkwa nokukhanya nempilo nokwanele, futhi ngangingakwazi nhlobo ukubonakala ngikwenza.
Kodwa engangicabanga ukuthi kwakuwukudumazeka okukhulu empeleni kwakuwumusa omkhulu uNkulunkulu ake angibonisa wona. Niyabona, asivamile ukuyophuza ngaphandle kokuba some. Ukuzwa ukoma kwethu kungesinye sezipho ezinkulu kakhulu zikaNkulunkulu kithi. Ukubona isidingo sethu ngoNkulunkulu kuyisiqalo sokumthola.
Konke esikufisa ngokuchichimayo kukuJesu…
Ngoba uJesu wanele, singathola ukugcwaliseka kweqiniso.
Ngoba uJesu wanele, singaphila sixhumene Naye kanye nabanye.
Ngoba uJesu wanele, singaphumula.
Ngoba uJesu wanele, singazifaka engozini ngenxa yenkazimulo Yakhe.
Ngoba uJesu wanele, singahwebelana ngokwesaba ithemba.
Ngoba uJesu wanele, singawamukela umusa.
Ngoba uJesu wanele, singaphila ngobizo lwethu lweqiniso.
Ungakhetha ukuhlala kulemifudlana echichimayo yokwanale Kwakhe. Ingabe uzomkhetha esikhundleni sokuhlala udonseleka, ulahlekelwe ukuphila kwakho, ungakwazi ukudonsa umoya?
Asikwazi ukuzisindisa thina. Kodwa lendaba ineqhawe.
Ungamvumela ukuthi akusindise?
UmBhalo
Mayelana naloluHlelo
Ingabe ukhungethwe ukukhetha, okulindele, nezingcindezi, uzama ngakho konke okusemandleni akho ukukala—kodwa usazizwa sengathi ulahlekelwa indawo futhi uphuthelwa izingxenye ezinhle kakhulu zempilo yakho? Awuwedwa. Njengoba ungena eqinisweni elivuselelayo lempilo engaphezu kokwanele uJesu ayinikezayo, uzozwa inkululeko eza kulabo abazimisele ukuthola lokho uNkulunkulu angakwenza ngomphefumulo omthanda ngokuphelele.
More