Amazwi Ongaphila Ngawo No-Craig GroeschelIsampula
Kufihle Enhliziyweni Yakho
Kulungile, namuhla usuqophe imicabango engemihle ebusa ukucabanga kwakho, futhi usuthole amaqiniso angokomoya aqondene nempilo yakho ukuze ubhidlize lezo zinqaba. Ukuba neqiniso nje esandleni kuwukuqeda ukucindezeleka. Umfundisi uCraig ukubeke kanje.
“Ingcindezi ayikona konke okumele ukwenze—kodwa ukuthi ucabanga kanjani mayelana nakho konke okumele ukwenze.”
Hhayi-ke, lokho kuyimpumuzo. Futhi niyazi ukuthini? Kukhona indlela yokuqinisekisa ukuthi uhlala uneqiniso kuwe. Ake sizwe isinyathelo sokugcina sikaMfundisi Craig.
Isinyathelo Sesithathu: Phinda uvakashele amaqiniso angokomoya owaqoqa esinyathelweni sesibili, futhi uwenze awakho. Ekugcineni, wafihle enhliziyweni yakho ngokuwaphindaphinda nsuku zonke. Ungathola Amagama Ongaphila NgawokaMfundisi Craig nezinye izibonelo ku: finds.life.church/words
Mayelana naloluHlelo
Imicabango yakho ingakubuyisela emuva, ikuphushele phansi, ikufunze amanga. Kodwa futhi ingaku phakamisa! Ngakho, uCraig Groeschel, umfundisi omkhulu weLife.Church, wabhala amaqiniso athile awafunda nsuku zonke. Qala ukufunda ukuze ubone ukuthi lawa magama aguqule kanjani yonke into kuye, futhi uthole izinyathelo ezintathu ezilula zokuthola amazwi akho Okuphila Ngawo.
More