Imizwa Engcwele - Izimpendulo ZeBhayibheli Kuzo Zonke IzinseleloIsampula

Holy Emotions - Biblical Responses to Every Challenge

USUKU 20 KWEZINGU- 30

Kube yisipiliyoni sami ukuthi angijwayelee "ukulungisa" ukuziphatha kwabantu ababekela inselelo empilweni yami. Ukuphendula ngomzwelo kubantu alukhuni akukhiqizi ushintsho oluhlala isikhathi eside. Ngikholwa ukuthi mhlawumbe uNkulunkulu ukubeke kulowo muntu olukhuni empilweni ukuthi ungalinganisi ukuziphatha kwakhe okungajwayeleki, kodwa umkhulekele. Kuyisilinganiso esilula uNkulunkulu asinika sona ukuze sibhekane nalabo bantu abacasulayo futhi abayinkinga: Uthando + Umthandazo = Ukunqoba.

Isu likaNkulunkulu alivamile ukubandakanya imizwa kodwa lihlala linemithamo ekhululekile yothando nomthandazo kuhlanganiswe ndawonye ukuze kube nesiphetho esiphumelelayo. UNkulunkulu akakudalelanga ukuba ube nje umuntu othile osebenzisa amazwi alumelayo, ukulimaza nokulawula abantu. UNkulunkulu ukudale waba indoda noma owesifazane ozinikele kakhulu eMbusweni kunokuzibophezela. Abantu abanzima bangabalekela amazwi akho, kodwa abasoze babalekela imithandazo yakho. Asikwazi futhi akufanele sibe nokuhlukana phakathi kwesikukholelwayo nendlela esiphatha ngayo abanye, kungakhathaleki ukuthi banzima kangakanani.

Kukhona ikhambi lentukuthelo nolaka; kubizwa nokuthi umusa. Kukhona indlela yokunqoba intukuthelo nokumemeza; kwaziwa ngokuthi inhliziyo emnene. Kukhona futhi indlela yokunqoba ukunyundela; kubhekwa njengentethelelo.

Kudingeka umKristu ovuthiwe, owesaba uNkulunkulu ukubusisa abashushisi ekuphileni. Sibusisa ngolimi lwethu, ngezimo zenhliziyo zethu, ngemizwa yethu nangezenzo zethu. Abanye benu bangase bacabange, "Yebo, kodwa Carol, awumazi uMamncane wami uMatilda! Akathandeki ngazo zonke izindlela ongazicabanga!" Ungase ungafuni ukuzwa impendulo yami ku-Anti wakho uMatilda kodwa nansi, Kukhona othanda uMamncane wakho uMatilda futhi igama lakhe nguNkulunkulu, ngakho-ke qala ukwenza njengoyihlo!

Sonke asithandeki ngandlela-thile, akunjalo? Sonke singaba ngamadlambi, sikhulume singacweci futhi sibe nezingxabano ngezikhathi ezithile, kodwa ngikholelwa ukuthi isizathu esenza iningi lethu lingathandeki yingoba emnyombeni wethu sikhalela ukuthandwa. Kuzoba nezikhathi eziningi empilweni lapho isinqumo sakho sokuthanda ingungumbane sizoziphuca izikhali ngokuphelele.

Uma wenqaba ukuxolela bese ubusisa abantu abanzima empilweni yakho, usengozini yokuba ngumuntu onzima. Isilinganiso asikhona ukuhluleka futhi sizoqinisekisa ukunqoba kwakho ekugcineni:

Uthando + Umthandazo = Ukunqoba!
Usuku 19Usuku 21

Mayelana naloluHlelo

Holy Emotions - Biblical Responses to Every Challenge

UNkulunkulu wakwenza futhi wakubeka ngalomzuzu wesikhathi, ukuba uthande abangathandeki, ubonise ukuthula esiphithiphithi, futhi ubonise injabulo yokudela kuzo zonke izimo. Lokhu kungase kubonakale kungenakwenzeka, kodwa ungakwenza lokhu ngokufunda lokho iBhayibheli elikushoyo ngemizwa yakho engokwemvelo yomuntu nendlela yokuyilawula. Le nkonzo ihlanganisa izinselelo ezijwayelekile futhi kwesinye isikhathi ezimangalisayo esibhekana nazo nsuku zonke, futhi inikeza izinkomba zeBhayibheli zokuthi ungayilawula kanjani imizwelo yakho ngendlela kaNkulunkulu.

More

Sithanda ukubonga u-Carol McLoed and Just Joy Ministries ngokusinikeza lendlela yokufunda. Ngemininingwane eminye, sicela uvakashele: www.justjoyministries.com